"elimnandi"
53 occurrences in ZUL
UJehova wezwa iphunga elimnandi ; uJehova wathi enhliziyweni yakhe : Angisayikuphinda ngiqalekise umhlaba ngenxa yabantu, ngokuba imicabango yomuntu mibi kwasebusheni bakhe ; angisayikuphinda ngibhubhise konke okuphilayo, njengalokho ngenzile.
Woyishisa yonke inqama e -altare; kungumnikelo wokushiswa kuJehova , yiphunga elimnandi, ngumnikelo womlilo kuJehova.
Ubuye ukuthabathe ezandleni zabo , ukushise e -altare phezu kom nikelo wokushiswa, kube yiphunga elimnandi phambi kukaJehova : kungumnikelo womlilo kuJehova.
Wonikela ngelinye iwundlu ngakusihlwa , wenze kulo njengomnikelo wempuphu wasekuseni nanjengomnikelo wawo wokuphuzwa, kube yiphunga elimnandi, umnikelo womlilo kuJehova.
ahlanze izibilini zalo namanqina alo ngamanzi , umpristi akushise konke e - altare, kube ngumnikelo wokushiswa , umnikelo womlilo , ube yiphunga elimnandi kuJehova.
ahlanze izibilini zalo namanqina alo ngamanzi , umpristi anikele ngakho konke, akushise e -altare kube ngumnikelo wokushiswa , umnikelo womlilo , ube yiphunga elimnandi kuJehova.
awuqaqe ngamaphiko awo , angawudabuli kodwa ; umpristi awushise e - altare phezu kwezinkuni ezisemlilweni , ube ngumnikelo wokushiswa , umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuJehova.
awulethe kumadodana ka -Aroni, abapristi, acaphune kuwo ngokhweshe wempuphu ecolekileyo yawo nowamafutha awo, kanye nayo yonke inhlaka yawo, umpristi awushise ube yisikhumbuzo sawo e-altare, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuJehova;
Umpristi makathabathe okuyisikhumbuzo kuwo umnikelo wempuphu , akushise e -altare kube ngumnikelo womlilo , kube yiphunga elimnandi kuJehova.
Amadodana ka -Aroni ayakukushisa e -altare phezu komnikelo wokushiswa ophezu kwezinkuni ezisemlilweni, kube ngumnikelo womlilo, kube yiphunga elimnandi kuJehova.
Umpristi uyakukushisa e -altare; kungukudla komnikelo womlilo , kube yiphunga elimnandi; onke amanoni angakaJehova.
Onke amanoni awo uyakuwasusa , njengalokhu amanoni esuswa emhlatshelweni weminike lo yokuthula , umpristi awashise e -altare abe yiphunga elimnandi kuJehova , umpristi amenzele ukubuyisana , aze athethelelwe.
Makucashunwe kuwo ngokhweshe impuphu ecolekileyo yomnikelo wempuphu namafutha awo , nayo yonke inhlaka ephezu komnikelo wempuphu, akushise e -altare kube yisikhumbuzo sawo , kube yiphunga elimnandi kuJehova.
Uyakwenziwa emqengeleni ngamafutha ; usuxutshanisiwe wowungenisa , unikele ngomnikelo wempuphu , ube yizingcezu ezihl eshuliweyo, zibe yiphunga elimnandi kuJehova.
UMose wayesekuthatha ezandleni zabo , wakushisa e -altare emnikelweni wokushiswa; kwakungokokwahlukaniselwa, kwaba yiphunga elimnandi , umnikelo womlilo kuJehova.
Umpristi wofafaza ngegazi i -altare likaJehova ngasemnyango wetende lokuhlangana, ashise amanoni, abe yiphunga elimnandi kuJehova.
Umnikelo wawo wempuphu woba ngokweshumi okubili kwempuphu ecolekileyo, exovwe namafutha, umnikelo womlilo kuJehova , ube yiphunga elimnandi, nomnikelo wawo wokuphuzwa woba ngokwesine kwehini lewayini.
Kanye nesinkwa niyakunikela ngezimvu eziyisikhombisa ezingenasici zinomnyaka munye, neduna nezinqama ezimbili , zibe ngumnikelo wokushiswa kuJehova kanye nomnikelo wazo wempuphu neminikelo yazo yokuphuzwa, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuJehova.
nenze umnikelo womlilo kuJehova , umnikelo wokushiswa , noma umhlatshelo wokugcwalisa isithembiso , noma umnikelo wesihle , noma owemikhosi yenu emisiweyo , ukwenza iphunga elimnandi kuJehova , owezinkomo noma owezimvu,
Uyakunikela ngenxenye yehini lewayini libe ngumnikelo wokuphuzwa , kube ngumnikelo womlilo wephunga elimnandi kuJehova.
Bonke abokuzalwa ekhaya bayakwenza lezo zinto ngaleyo ndlela, benikela ngomnikelo womlilo wephunga elimnandi kuJehova.
Uma umfokazi egogobele kuwe , noma ubani ophakathi kwenu ezizukulwaneni zenu eyakunikela ngomnikelo womlilo wephunga elimnandi kuJehova, uyakwenza njengalokhu nenza nina.
kuyakuthi uma kwenziwe kungengamabomu , futhi kungesemehlweni enhlangano, inhlangano yonke inikele ngeduna libe ngumnikelo wokushiswa wephunga elimnandi kuJehova kanye nomnikelo wayo wempuphu , nomnikelo wayo wokuphuzwa ngokomthetho , nempongo ibe nye , ibe ngumnikelo wesono.
Kepha izibulo lenkomo , noma izibulo lemvu , noma izibulo lembuzi , awuyikulihlenga, lingcwele; uyakufafaza i -altare ngegazi lazo , ushise amanoni azo abe ngumnikelo womlilo wephunga elimnandi kuJehova.
Yala abantwana bakwa -Israyeli, uthi kubo: U mnikelo wami, isinkwa sami seminikelo yami yomlilo yephunga elimnandi kimi , niyakuqaphela ukunikela ngawo kimi ngesikhathi sawo.
Kungumnikelo oshiswa imihla yonke , owamiswa entabeni yaseSinayi ube yiphunga elimnandi, umnikelo womlilo kuJehova.
Enye imvu uyakunikela ngayo kusihlwa , unikele ngayo ibe njengomnikelo wempuphu wasekuseni nomnikelo wawo wokuphuzwa, umnikelo womlilo wephunga elimnandi kuJehova. Imithetho yomnikelo wesabatha neyezinyanga ezethwasayo
nokweshumi kwempuphu ecolekileyo exov we namafutha kube ngumnikelo wempuphu ngaleyo naleyo mvu, umnikelo wokushiswa wephunga elimnandi, umnikelo womlilo kuJehova.
Niyakunikela kanjalo imihla yonke kube yizinsuku eziyisikhombisa, isinkwa somnikelo womlilo wephunga elimnandi kuJehova ; kuyakunikelwa ngakho kanye nomnikelo oshiswa imihla yonke nomnikelo wawo wokuphuzwa.
kepha ninikele ngomnikelo wokushi swa wephunga elimnandi : amaduna amabili, nenqama ibe nye, nezimvu zamaduna eziyisikhombisa ezinomnyaka munye,
Niyakunikela ngomnikelo wokushiswa ube yiphunga elimnandi kuJehova : iduna, nenqama, nezimvu zamaduna eziyisikhombisa ezinomnyaka munye ezingenasici,
ngaphandle komnikelo wokushiswa wenyanga eyethwasayo nomnikelo wawo wempuphu , nomnikelo oshiswa imihla yonke nomnikelo wawo wempuphu, neminikelo yayo yokuphuzwa ngokwesimiso sayo , kube yiphunga elimnandi, umnikelo womlilo kuJehova.
kepha ninikele ngomnikelo wokushiswa kuJehova ube yiphunga elimnandi : iduna, nenqama, nezimvu zamaduna ez iyisikhombisa ezinomnyaka m unye, zibe ngezingenasici kini,
ninikele ngomnikelo wokushiswa , umnikelo womlilo wephunga elimnandi kuJehova: amaduna ayishumi nantathu , nezinqama ezimbili , nezimvu zamaduna eziyishumi nane ezinomnyaka munye, zibe ngezingenasici,
kepha ninikele ngomnikelo wokushiswa , umnikelo womlilo wephunga elimnandi kuJehova: inkunzi ibe nye , nenqama ibe nye , nezimvu zamaduna eziyisikhombisa ezinomnyaka munye ezingenasici,
Bammbela emathuneni akhe owayeziqophele wona emzini kaDavide , bambeka embhedeni ogcwele iphunga elimnandi namakha ayizinhlobonhlobo, alungisiwe ngokwenza komthaki ; bamenzela ukushisa kwempepho okukhulu kakhulu.
ukuba banikele ngemihlatshelo yephunga elimnandi kuNkulunkulu wezulu, bakhulekele ukuphila kwenkosi namadodana ayo.
Amafutha akho anephunga elimnandi ; igama lakho linjengamafutha athululiweyo; ngalokho izintombi ziyakuthanda.
Ngiyakudlisa abacindezeli bakho inyama yabo , badakwe yigazi labo njengangewayini elimnandi ; inyama yonke iyakwaz i ukuthi mina Jehov a nginguMsindisi wakho, noMhlengi wakho, uMninimandla kaJakobe.
Niyakwazi ukuthi nginguJehova , lapho ababuleweyo babo beyakuba phakathi kwezithombe zabo nxa zonke zama-altare abo kuwo onke amagquma aphakemeyo, nakuzo zonke iziqongo zezintaba , naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza, naphansi kwawo onke ama -oki adumbileyo, izindawo lapho bebenikela khona ngephunga elimnandi kuzo zonke izithombe zabo.
Nesinkwa sami engangikunike sona , impuphu ecolekileyo , namafutha, nezinyosi engangikudlise khona , wakubeka phambi kwazo , kwaba yiphunga elimnandi; kwaba njalo, isho iNkosi uJehova.
Lapho ngangibangenise ezweni engaphakamisela isandla sami ukubanika lona, bebona amagquma onke aphakemeyo nayo yonke imithi edumbileyo , bese benikela khona ngemihlatshelo yabo , banika khona isicunulo somnikelo wabo, babeka lapho iphunga labo elimnandi, bathulula khona iminikelo yabo yokuphuzwa.
Ngephunga elimnandi ngiyakunamukel a, lapho nginikhipha kubantu , nginibuthe emazweni lapho nihlakazekele khona , ngingcweliswe kini emehlweni ezizwe.
Bheka, uyisihlabelelo esithandekayo sonephimbo elimnandi kubo , obetha kahle ngogubhu, ngokuba bezwa amazwi akho, abawenzi kodwa.
Kuyakuthi ngalolo suk u izintaba ziconse iwayini elimnandi , amagquma agobhoze ubisi , yonke imifula yakwaJuda igobhoze amanzi ; kuyakuvela umthombo endlini kaJehova oyakunisela isigodi saseShithimi.
Wonke umuntu ubeka iwayini elimnandi kuqala , kuthi lapha sebephuze kakhulu, akhiphe elibi kunalo; wena ugcinile elimnandi kuze kube manje.
nihambe othandweni, njengalokho uKristu wanithanda , wazinikela ngenxa yethu, abe ngumnikelo nomhlatshelo, abe yiphunga elimnandi kuNkulunkulu.