"elisha"
100 occurrences in ZUL
Izinto zakuqala zifikile , sengimemezela izinto ezintsha ; zingakaqhamuki, ngiyanizwisa zona. Ihubo elisha
Wathi: Ngishisekele nokushisekela uJehova uNkulunkulu Sebawoti , ngokuba abantwana bakwa-Israyeli balahlile isivumelwano sakho , badilizile ama-altare akho , babulele abaprofethi bakho ngenkemba , kusele mina ngedwa; sebefuna umphefumulo wami ukuba bawususe. Ukubizwa kuka-Elisha
uyakumgcoba uJehu indodana kaNimishi abe yinkosi kwa -Israyeli, umgcobe u-Elisha indodana kaShafati wase -Abela Mehola abe ngumprofethi esikhundleni sakho.
Kuyakuthi obalekela inkemba kaHazayeli abulawe nguJehu ; obalekela inkemba kaJehu uyakubulawa ngu-Elisha.
Wayesesuka lapho , wamfumana u -Elisha indodana kaShafati ; wayelima ngezinkabi ezingamabh angqa ayishumi nambili phambi kwakhe , yena esebhangqeni leshumi nambili ; u-Eliya wadlulela kuye , waphonsa ingubo yakhe kuye.
Kwathi lapho uJehova ebeyakumkhuphula u -Eliya aye ezulwini ngesivunguvungu, u-Eliya wasuka eGiligali no-Elisha.
U-Eliya wathi ku -Elisha: Ake uhlale lapha , ngokuba uJehova ungithumile eBethele. Kepha u-Elisha wathi : Kuphila kukaJehova nokuphila komphefumulo wakho, angiyikukushiya. Behlela-ke eBethele.
Amadodana abaprofethi ayeseBethele aphuma , aya ku -Elisha, athi kuye : Uyazi yini ukuthi uJehova uyakususa inkosi yakho kuwe namuhla na? Wathi: Yebo, ngiyakwazi; thulani.
U-Eliya wathi kuye: Elisha, ake uhlale lapha, ngokuba uJehova ungithumile eJeriko. Kepha wathi: Kuphila kukaJehova nokuphila kwakho , angiyikukushiya. Bafika-ke eJeriko.
Amadodana abaprofethi ayeseJeriko asondela ku -Elisha, athi kuye: Uyazi yini ukuthi uJehova uyakususa inkosi yakho kuwe namuhla na? Wathi: Yebo, ngiyakwazi; thulani.
Kwathi sebewelile, u-Eliya wathi ku -Elisha: Cela engiyakukwenzela khona ngingakasuswa kuwe . Wathi u-Elisha: Makuphindwe kabili umoya wakho phezu kwami.
U-Elisha wakubona , wamemeza wathi : Baba, baba, nqola ka -Israyeli nabamahhashi bakhe ! Akabe esambona futhi ; wabamba izingubo zakhe , waziklebhula kabili. U-Elisha ungumprofethi; izimangaliso zakhe
Wayithatha ingubo ka -Eliya ebiwile kuye , washaya amanzi , wathi: Uphi uJehova uNkulunkulu ka-Eliya na? Esewashayile amanzi, ahlukana ngalapha nangalapha; u-Elisha wawela.
Esembonile amadodana abaprofethi aseJeriko ayemalungana naye , athi: Umoya ka -Eliya uhlezi phezu kuka -Elisha. Afika ukumhlangabeza , akhothamela phansi phambi kwakhe.
Kepha abantu bomuzi bathi ku -Elisha: Bheka, isiza somuzi sihle , njengokuba inkosi ibona, kepha amanzi mabi, izwe liyabhulubisa.
Kepha uJehoshafati wathi : Akakho lapha umprofethi k aJehova ukuba sibuze kuJehova ngaye na ? Enye yezinceku zenkosi yakwa -Israyeli yaphendula yathi : Ukhona u -Elisha indodana kaShafati owathela amanzi ezandleni zika-Eliya.
Kepha u -Elisha wathi enkosini yakwa -Israyeli: Nginamsebenzi muni nawe na? Hamba uye kubaprofethi bakayihlo nakubaprofethi bakanyoko . Kepha inkosi yakwa -Israyeli yathi kuye : Hhayi, ngokuba uJehova ubizile lawo makhosi amathathu ukuwanikela esandleni sakwaMowabi.
Wayesethi u-Elisha: Kuphila kukaJehova Sebawoti engimi phambi kwakhe , uma bengingamazisi uJehoshafati inkosi yakwaJuda , ngempela ngingeze ngakubheka, ngingeze ngakubona.
Kwakhala ku-Elisha owesifazane othile wabafazi bamadodana abaprofethi, wathi: Inceku yakho , indoda yami , ifile; wena uyazi ukuthi incek u yakho yayimesaba uJehova ; sekufike umtshelekisi ukuzithathela abafana bami ababili babe yizigqila.
U-Elisha wathi kuye : Ngikwenzele ntoni na ? Ngitshele. Unantoni endlini? Wathi: Incekukazi yakho ayinalutho endlini ngaphandle komfuma wamafutha.
Kwathi ngelinye ilanga u -Elisha wadlulela eShunemi lapho kwakukhona owesifazane ocebileyo , wamcindezela ukuba adle isinkwa . Kwakuthi njalo nxa edlula, waphambukela khona ukuba adle.
Kepha owesifazane wakhulelwa , wazala indodana ngaleso sikhathi ngomnyaka olandelayo njengokusho kuka-Elisha kuye.
U-Elisha wabuyela eGiligali ; kwakukhona indlala kulelo zwe ; amadodana abaprofethi ayehlezi phambi kwakhe ; wathi encekwini yakhe: Bheka ikhanzi elikhulu, uphekele amadodana abaprofethi ukudla.
Kepha wathi : Lethani impuphu . Wayiphonsa ekhanzini , wathi: Thululela abantu ukuba badle. Kwakungasekho okubi ekhanzini. U-Elisha usuthisa abantu abayikhulu
Kwathi u-Elisha umuntu kaNkulunkulu esezwile ukuthi inkosi yakwa-Israyeli iklebhulile izingubo zayo, wathumela enkosini, wathi: Uklebhuleleni izingubo zakho na? Makeze kimi, aze azi ukuthi kukhona umprofethi kwa-Israyeli.
U-Elisha wathuma isithunywa kuye ngokuthi : Hamba ugeze kasikhombisa eJordani; kuyakuthi inyama ibuyele kuwe, uhlambuluke.
Kepha uGehazi inceku ka-Elisha umuntu kaNkulunkulu wathi: Bheka, inkosi yami imyekile uNahamani lo wase -Aramu ngokungamukeli ezandleni zakhe akulethayo; kuphila kukaJehova, ngiyakugijima, ngimlandele, ngithathe into kuye.
Kepha yena wangena, wema phambi kwenkosi yakhe. U-Elisha wathi kuye: Uvelaphi, Gehazi? Wathi: Inceku yakho ayiyanga ndawo.
Enye yezinceku zayo yathi : Hhayi, nkosi yami , nkosi, kodwa u -Elisha, umprofethi wakwa -Israyeli, uyayitshela inkosi yakwa -Israyeli amazwi owakhulumayo ekamelweni lakho lokulala.
U-Elisha wakhuleka , wathi: Jehova, ake uvule amehlo ayo ukuba ibone . UJehova wavula-ke amehlo aleyo nceku , yabona; bheka, intaba yayigcwele amahhashi nezinqola zomlilo nxazonke zakhe u-Elisha.
Sebehlela kuye , u-Elisha wakhuleka kuJehova , wathi: Mawushaye lesi sizwe ngobumpumputhe. Wasishaya ngobumpumputhe njengezwi lika-Elisha.
Wayesethi u -Elisha kubo : Le akusiyo indlela , nalona akusiwo umuzi ; ngilandeleni, nginiyise kumuntu enimfunayo. Wabayisa eSamariya.
Kwathi sebefike eSamariya , u-Elisha wathi : Jehova, vula amehlo alaba bantu ukuba babone . UJehova wavula amehlo abo , babona; bheka, base bephakathi kweSamariya.
Yathi: UNkulunkulu makenze njalo, enezele futhi, uma ikhanda lika-Elisha, indodana kaShafati, liyakube lisekuye namuhla.
Yayisithuma umuntu phambi kwayo, u-Elisha esahlezi endlini yakhe , namalunga ehlezi naye ; kepha, singakafiki kuye isithunywa , wathi emalungeni: Niyabona yini ukuthi le ndodana yombulali ithumele ukunquma ikhanda lami na ? Bhekani, ekufikeni kwesithunywa manivale isivalo , nisibuyisele emuva isithunywa ngesivalo ; angithi izigqi zezinyawo zenkosi yaso zisemva kwaso na?
Wayesethi u -Elisha: Zwanini izwi likaJ ehova; usho kanje uJehova , uthi: Kusasa ngalesi sikhathi iseya lempuphu ecolekileyo liyakuthengiswa ngeshekeli, namaseya amabili ebhali ngeshekeli esangweni laseSamariya.
U-Elisha wayekhulumile nowesifazane ondodana yakhe ayivusile ngokuthi : Suka uhambe wena nabendlu yakho, uhlale lapho ungahlala khona, ngokuba uJehova umemezele indlala, futhi iyakufika ezweni iminyaka eyisikhombisa.
Inkosi yayisilokhu ikhuluma noGehazi inceku yomuntu kaNkulunkulu ukuthi: Ake ungilandise zonke izinto ezinkulu azenzileyo u-Elisha.
Kwathi esayilandisa inkosi ukuthi uvusile ofileyo , bheka, owesifazane ondodana yakhe ayivusileyo wakhala enkosini ngendlu yakhe nangezwe lakhe. Wayesethi uGehazi: Nkosi yami, nkosi, yilo owesifazane, yile indodana yakhe u-Elisha ayivusileyo.
Wayesefika u-Elisha eDamaseku; uBeni Hadadi inkosi yase-Aramu wayegula; watshelwa ukuthi: Umuntu kaNkulunkulu ufikile lapha.
U-Elisha wathi kuye : Hamba, uthi kuye : U yakusinda nokusinda , kodwa uJehova ungibonisile ukuthi ngempela uyakufa nokufa.
U-Elisha wayesemgqolozela , UHazayeli waze waba namahloni . Wayeseqhumuka ekhala umuntu kaNkulunkulu.
Kepha uHazayeli wathi: Kodwa iyini inceku yakho eyinja nje ukuba yenze le nto e nkulu na ? Wathi u-Elisha: UJehova ungibonisile ukuthi uyakuba yinkosi e-Aramu.
Wayesesuka ku-Elisha, weza enkosini yakhe ; yathi kuye: Utheni kuwe na ? Wathi: Uthe kimi uyakusinda nokusinda.
U-Elisha umprofethi wabiza enye yamadodana abaprofethi , wathi kuyo : Khwica, uphathe lo mfuma wamafutha esandleni sakho , uye eRamoti Gileyadi.
UJowashi wayeselala koyise ; uJerobowamu wahlala esihlalweni sakhe sobukhosi; uJowashi wembelwa eSamariya namakhosi akwa-Israyeli. Ukugula nokufa kuka-Elisha
U-Elisha esegula ngesifo afa ngaso, uJowashi inkosi yakwa-Israyeli wehlela kuye, wamkhalela wathi: Baba, Baba, nqola ka-Israyeli nabamahhashi bakhe!
Wathi enkosini yakwa -Israyeli: Beka isandla sakho emnsalw eni. Yabeka-ke isandla sayo. U-Elisha wabeka izandla zakhe phezu kwezandla zenkosi.
Wathi: Vula ifasitele ngasempumalanga . Yalivula. Wayesethi u -Elisha: Cibishela. Yacibishela-ke. Wathi: Ngumcibisholo kaJehova wokusindisa , umcibisholo wokusindiswa kuma -Aramu, ngokuba uyakubulala ama -Aramu e-Afeki, uwaqede.
Kwathi lapho besammbela umuntu othile , bheka, babona iviyo; bamlahla umuntu ethuneni lika-Elisha. Lowo muntu wanele ukuthinta nje amathambo ka-Elisha, waphila, wema ngezinyawo zakhe. Ama-Aramu ayahlulwa
Amasimu achithekile , umhlabathi u yalila, ngokuba amabele achithiwe ; iwayini elisha lishile, amafutha ayawuma.
Wabeka igama elisha emlonyeni wami , igama lokubonga uNkulunkulu wethu; abaningi bayakukubona, besabe, bamethembe uJehova.
Mhubeleni uJehova igama elisha , ngokuba wenze iziman galiso; esokunene sakhe nengalo yakhe engcwele kumtholele ukunqoba.
Mhubeleni uJehova ihubo elisha , nodumo lwakhe , kusukela emikhawulweni yomhlaba , nina enehlela elwandle nakho konke okukulo , nina ziqhingi nabakhileyo kuzo.
Izizwe ziyakubona ukulunga kwakho , namakhosi onke inkazimulo yakho ; uyakubizwa ngegama elisha eliyakunqunywa ngumlomo kaJehova.
ukuze kuthi ozibusisa emhlaben i azibusise kuNkulunkulu weqiniso , nofunga emhlabeni , afunge uNkulunkulu weqiniso , ngokuba izinhlupheko zakuqala zikhohlakele nangokuba zisithele emehlweni ami. Izulu elisha nomhlaba omusha
Ngokuba bheka, ngiyadala izulu elisha nomhlaba omusha ; izinto zakuqala aziyikukhunjulwa, zingene enhliziyweni.
Ngokuba njengokuba izulu elisha nomhlaba omusha engiyakukwenza kuyakuma phambi kwami , usho uJehova , kanjalo kuyakuma inzalo yakho negama lakho.
Izikhulu zakwaJuda zazizwa lezo zinto , zakhuphuka endlini yenkosi , zaya endlini kaJehova, zahlala esikhaleni sesango elisha lendlu kaJehova.
UBaruki wayesefunda encwadini amazwi kaJeremiya endlini kaJehova ekamelweni l ikaGemariya indodana kaShafani umbhali egcekeni lasenhla ngasesikhaleni sesango elisha lendlu kaJehova ezindlebeni zabantu bonke.
Ilineni elicolekileyo elifekethisiweyo elivela eGibith e lalinguseyili wakho , laze laba yibhanela kuwe ; isimbozo sakho sasiluhlaza sibubende , sivela eziqhingini zase-Elisha.
Uma benamahloni ngakho konke abakwenzileyo, mawubazise isimo sendlu, nokubonakala kwayo , nezindawo zayo zokuphuma , nezindawo zayo zokungena, yebo, sonke isimo sayo kanye nazo zonke izimiso zayo , nazo zonke izimo zazo kanye nayo yonke imithetho yayo , ukulobe emehlweni abo ukuba bagcine sonke isimo sayo nazo zonke izimiso zayo, bazenze. Inkonzo yethempeli elisha
Kepha akazanga ukuthi yimin a engamnika amabele , newayini elisha , namafutha, ngamandisela isiliva negolide abenza ngakho uBali.
Ngalokho ngiyakubuye ngithabathe amabele ami ngesikhathi sawo , newayini lami elisha ngenkathi yalo , ngisuse uboya bami bezimvu nefilakisi lami lokusibekela ubunqunu bakhe.
Ngase ngibiza ukoma phezu kwezwe , naphezu kwezintaba , naphezu kwamabele, naphezu kwewayini elisha , naphezu kwamafutha , naphezu kokuvezwa ngumhlaba, naphezu kwabantu, naphezu kwezinkomo, naphezu kwayo yonke imisebenzi yezandla.
Yeka ubuhle balo ! Yeka ukubukeka kwalo ! Amabele abo ayakuhlumisa izinsizwa zalo, newayini elisha izintombi zalo.
Uyakuphendulela izinhliziyo zawoyise kubantwana nezinhliziyo zabantwana koyise, funa ngifike, ngishaye izwe ngesiqalekiso. ITESTAMENTE ELISHA
Akuthelwa futhi iwayini elisha ezimvabeni ezindala , funa izimvaba ziqhume, newayini lichitheke , nezimvaba zonakale . Kodwa iwayini elisha balithela ezimvabeni ezintsha, kulondeke kokubili. Indodakazi kaJayiru ivuswa ekufeni (Mark. 5:21; Luk. 8:40)
wasibeka ethuneni lakhe elisha ayeliqo phe edwaleni , wagingqela itshe elikhulu emnyango wethuna, wahamba.
Futhi akakho othela iwayini elisha ezimvabeni ezindala , funa iwayini liqhumise izimvaba, lichitheke iwayini, nezimvaba zonakale; kodwa iwayini elisha lithelwa ezimvabeni ezintsha. UJesu uchachisa umyalelo wesabatha (Math. 12:1; Luk. 6:1)
Kwakukhona futhi kwa-Israyeli abanochoko abaningi ngesikhathi sika - Elisha umprofethi; kepha akuhlanjululwanga namunye kubo , kuphela uNayimani umSiriya.
Futhi akakho othela iwayini elisha ezimvabeni ezindala funa iwayini elisha liqhumise izimvaba, lichitheke lona, nezimvaba zonakale.
Khona ngakuleyo ndawo , lapho wayebethelwe khona esiphambanweni , kwakukhona insimu , nasensimini kukhona ithuna elisha okwakungazange kubekwe muntu kulo.
Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni . Onqobayo ngiyakumnika okwemana elifihliweyo , ngimuphe itshe elimhlophe , nasetsheni kulotshiwe iga ma elisha elingaziwa muntu , ngolamukelayo kuphela.
Onqobayo ngiyakumenza abe yinsika ethempelini likaNkulunkulu wami , futhi akasoze aph uma khona ; ngiyakuloba negama likaNkulunkulu wami phezu akhe, negama lomuzi kaNkulunkulu wami , iJerusalema elisha elehla ezulwini kuNkulunkulu wami, negama lami elisha.
Ahlabelela igama elisha , athi: Ufanele wena ukuyithabatha incwad i nokuvula izimpawu zayo , ngokuba wahlatshwa, wabathengela uNkulunkulu ngegazi lakho abavela kuyo yonke imindeni, nezilimi, nabantu, nezizwe,
Bahlabelela igama elisha phambi kwesihlalo sobukhosi , naphambi kwezidalwa ezine, namalunga; kepha akubangakho onamandla okufunda lelo gama, kuphela abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane abathengiweyo emhlabeni.