Kwakukhona umuntu ezweni lase -Uzi ogama lakhe lalinguJobe ; lowo muntu wayengenasici elungile, wayemesaba uNkulunkulu, wabalekela okubi.
Ngeqiniso ngiyazi ukuthi kunjalo , kepha umuntu angaba elungile phambi kukaNkulunkulu na?
Wayesethi uJehova kimi : U-Israyeli ohlehlayo ubonakele elungile kunoJuda okhohlisayo.
uma kambe kuyinto elungile kuNkulunkulu ukuba abuyisele ukuhlupheka kubo abanihluphayo,
Bantwanyana, maningadukiswa muntu ; owenza ukulunga ulungile , njengokuba yena elungile;