Ngubani ayakumfundisa ukwazi , aqondise bani umbiko , na? Yibo abalunyuliweyo obisini, basuswa emabeleni, na?
Bayakufika, bahlabelele ngokujabul a ekuphakameni kwaseSiyoni , bagobhozele kukho okuhle kukaJehova , yebo, emabeleni, nasewayinini, nasemafutheni, nakuwo amazinyane e zimvu nawezinkomo , umphefumulo wabo ube njengensimu eniselweyo, bangabe besaba nosizi futhi.