Umkhandi wensimbi wenza imbazo , asebenze emalahleni , ayibumbe ngezando, ayisebenze ngamandla ezingalo zakhe ; uyalamba, angabikho amandla; akaphuzi amanzi, uyadangala.
Besewulibeka emalahleni awo lingenalutho, ukuze lishise, kushe ithusi lalo, kuncibilikiswe ukungcola kwalo phakathi kwal o ukuba kuqedwe ukugqwala kwalo.