Sebefika eMara babengenakuphuza amanzi aseMara , lokhu ayebaba; ngalokho igama lalo lathiwa iMara.
Basuka eHahiroti , badabula phakathi kolwandle , baya ehlane , bahamba ibanga lezinsuku ezintathu ehlane lase-Etamu, bamisa eMara.
Basuka eMara , bafika e -Elimi; e-Elimi kwakukhona imithombo eyishumi nambili yamanzi namasundu angamashumi ayisikhombisa; bamisa khona.