Skip to Content

"embethe"

12 occurrences in ZUL

Kwathi ngaleso sikhathi , lapho uJerobowamu ephumile eJerusalema , umprofethi u -Ahiya waseShilo wamfumana endlel eni, embethe ingubo entsha; labo bobabili babebodwa endle.

waya naphambi kwesango lenkosi , ngokuba kwakungekho ongangena esangweni lenkosi embethe indwangu yamasaka.

Wayesephuma uMoridekayi ebusweni benkosi embethe isambatho sobukhosi esiluhlaza nesimhlophe , enomqhele omkhulu wegolide nengubo yelineni elicolekileyo nebubende; umuzi waseShushani wajabula, wathokoza.

Amadlelo embethe izimvu , nezigodi zisibekelwe ngamabele ; konke kuyajabula, kuhlabelele.

ngaphakamisa amehlo ami, ngabona; bheka, nango umuntu embethe ilineni, ebhince okhalweni igolide elicwengekileyo lase-Ufazi.

Izihlangu za maqhawe akhe zibomvu , amadoda anamandla embethe okubomvu; izinqola zibengezela umlilo ensimbini ngosuku lokuzilungisela kwakhe; imikhonto iyaveva.

Bafika kuJesu, bambona obekhwelwe ngamademoni ehlezi embethe , esangulukile, yena owayenelegiyona; base besaba.

Khona baphuma ukuyobona okwenzekileyo , bafika kuJesu , bamfumanisa umuntu okuphume kuye amademoni ehle zi ngasezinyaweni zikaJesu embethe, esangulukile; bashaywa luvalo.

Bathi besagqolozela ezulwini emuka, bheka, amadoda amabili ayemi kubo, embethe izingubo ezimhlophe,

nofana nendodana yomuntu ephakathi kwezinti zezibani , embethe ingubo ekhawula ezinyaweni, ezibophe ngebhande legolide ezibeleni;

Nesihlalo sobukhosi sasihaqiwe yizihlalo zobukhosi ezingamashumi amabili nane, naphezu kwezihlalo zobukhosi kwakuhlezi amalunga angamashumi amabili nane , embethe izingubo ezimhlophe , enemiqhele yegoli de emakhanda awo.

Kwaba khona ezulwini isibonakaliso esikhulu: owesifazane embethe ilanga , nenyanga iphansi kwezinyawo zakhe , nasekhanda lakhe kukhona umqhele wezinkanyezi eziyishumi nambili,