"embhedeni"
32 occurrences in ZUL
Kwase kushiwo kuJakobe ukuthi : Bheka, indodana yakho uJosefa iyeza kuwe. Wayeseziqinisa u-Israyeli, wahlala embhedeni.
Uyachichima njengamanzi, awuyikuba nabungqongqo, ngokuba wakhwela embhedeni kayihlo, wawona; wakhwela okhukhweni lwami.
UJakobe eseqedile ukuyala amadodana akhe waqoqela izinyawo zakhe embhedeni, wagqibuka, wabuthelwa kubantu bakhe.
UMikhali wathatha itherafi, walibeka embhedeni, wabeka isicamelo soboya bezimbuzi ngasekhanda lalo, walembesa izingubo.
Kepha wala wathi: Angiyikudla. Kodwa zamcindezela izinceku zakhe kanye nowesifazane, walilalela izwi labo . Wayesevuka emhlabathini , wahlala embhedeni.
Amadodana kaRimoni waseBeyeroti oRekabi noBahana ahamba , afika selishisa ilanga endlini ka-Ishi Bosheti ephumula embhedeni emini.
Babengenile-ke endlini esalele embhedeni ekamelweni lakhe , bamgwaza, bambulala, bamnquma ikhanda, bathatha ikhanda lakhe, bahamba ngendlela yase-Araba ubusuku bonke.
kakhulu kangakanani, lapho abantu ababi bebulele umuntu olungileyo endlini yakhe embhedeni wakhe , angiyikubiza igazi lakhe esandleni senu , nginisuse emhlabeni, na?
Kwathi kusihlwa uDavide wavuka embhedeni , wahamba ophahleni lwendlu yenkosi, wabona esesophahleni owesifazane egeza ; owesifazane wayemuhle kakhulu, ebukeka.
Esebiziwe nguDavide wadla waphuza phambi kwakhe ; wamdakisa; kusihlwa waphuma ukuyolala embhedeni wakhe kanye nezinceku zenkosi , kepha akehlelanga endlini yakhe.
Wayesethi uJonadaba kuye: Lala embhedeni wakho, uzishaye ogulayo; lapho eseza uyihlo ukukubona, uthi kuye: Ake kuze uTamari udadewethu , angiphe ukudla, akulungise ukudla emehlweni ami ukuba ngikubone , ngikudle esandleni sakhe.
Nezinceku zenkosi zafika ukuyibusisa inkosi yethu , inkosi uDavide , ngokuthi: U Nkulunkulu wakho makenze igama likaSolomoni libe lihle kunegama lakho , asenze isihlalo sa khe sobukhosi sibe sikhulu kunesihlalo sakho sobukhosi; inkosi yakhothama embhedeni wayo.
Kepha wathi kuye : Nginike indodana yakho . Wayithatha esifubeni sakhe , wayikhuphulela ekamelweni eliphezulu lapho e hlala khona , wayibeka embhedeni wakhe.
U-Ahabi wangena endlini yakhe ehluneme , ethukuthele ngen xa yezwi abelikhulume kuye uNaboti waseJizreyeli ; ngokuba wayeshilo ukuthi : Angiyikukunika ifa lawobaba . Walala embhedeni , waphendula ubuso, akadlanga lutho.
Wayesethi kuyo : Usho kanje uJehova , uthi: Lokhu uthume izithunywa ukubuza kuBali Zebubi unkulunkulu wase -Ekroni kungokuba kungekho Nkulunkulu kwa -Israyeli ukuba kubuzwe ngezwi lakhe na ? Ngalokho awuyikwehlika embhedeni okhuphukele kuwo, kepha uyakufa nokufa.
Bammbela emathuneni akhe owayeziqophele wona emzini kaDavide , bambeka embhedeni ogcwele iphunga elimnandi namakha ayizinhlobonhlobo, alungisiwe ngokwenza komthaki ; bamenzela ukushisa kwempepho okukhulu kakhulu.
Lapho sebemukile kuye ngokuba bamshiya egula kakhulu izinceku zakhe zamenzela ugobe ngenxa yegazi lamadodana kaJehoyada umpristi, zambulala embhedeni wakhe, wafa; bammbela emzini kaDavide, kodwa abammbelanga emathuneni amakhosi.
Inkosi isibuya ensimini yendlu yenkosi , ingene endlini yedili lewayini , uHamani wayesewele embhedeni u -Esteri ayekuwo . Yayisithi inkosi : Uyakuyiphoqa inkosikazi phambi kwami lapha endlini na ? Lapho liphuma leli zwi emlonyeni wenkosi, bamboza ubuso bukaHamani.
Wabeka isithombe sakho emva kwezicabha nezinsika , wazambulela omunye kunami, wakhwela embhedeni , wawandisa, wavumelana nabo , wayithanda imibhede yabo, wazibonelela indawo.
Amadodana aseBabele afika kuye embhedeni wothando , amngcolisa ngobufebe bawo; esengcolisiwe yiwo umphefumulo wakhe wahlukana nawo.
wahlala embhedeni omuhle , itafula elilungisiweyo liphambi kwawo , owabeka kulo impepho yami namafutha ami.
Kepha kukhona uNkulunkulu ezulwini owambula izimfihlakalo ; wazisile inkosi uNebukadinesari okuyakuba khona ngezinsuku ezizayo. Iphupho lakho nemibono yekhanda lakho embhedeni wakho nakhu:
Ngomnyaka wokuqala kaBelishasari, inkosi yaseBabele , uDaniyeli wabona iphupho nemibono yekhanda lakhe embhedeni wakhe , waliloba iphupho , walanda inhloko yezindaba.
Wayesemuka, waya endlini yakhe , wafumana umntwana elele embhedeni , idemoni liphumile. Isithulu esinamalimi siyaphiliswa (Math. 15:29)