Inceku yayisigijima ukuyihlangabeza , yathi: Ake ungiphuzise ingcosana yamanzi embizeni yakho.
bheka, sengimi ngasemthonjeni wamanzi ; kuyakuthi intombazana eza ukuyokukha, engisho kuyo ukuthi : Ake ungiphuzise ingcosana yamanzi embizeni yakho,
Kepha wathi : Kuphila kukaJehova uNkulunkulu wakho , anginalo neqebelengwane, kukhona kuphela ukhweshe lwempuphu embizeni nengcosana yamafutha ophisweni ; bheka, sengicakashile izinkuni ezimbili , ukuze ngingene ngizilungiselele khona nendodana yami ukuba sikudle, sife.