Abakhalanga kimi ngezinhliziyo zabo , kepha bahhewula emibhedeni yabo ; banovalo ngamabele abo nangewayini labo, kepha mina bayangihlubuka.
angene ekuthuleni ; abahambe ngobuqotho bayakuphumula emibhedeni yabo.
Balele emibhedeni yophondo lwendlovu , bacambalala ezinkukhweni zabo ; badla amawundlu omhlambi namathole avela phakathi kwesibaya.
Wo! kwabaceba ububi, benze okubi emibhedeni yabo! Ekukhanyeni kokusa bayakwenza, ngokuba kusemandleni ezandla zabo.