Emva kwalokho ngabona emibonweni ebusuku ; bheka, isilo sesine , esesabekayo, sinamandla, siqinile kakhulu; sasinamazinyo amakhulu ensimbi, sadla, saphula, sanyathela okuseleyo ngezinyawo zaso ; sahlukile kuzo zonke izilo ezazingaphambi kwaso; sasinezimpondo eziyishumi.
Ngabona emibonweni ebusuku ; bheka, kwafika namafu ezulu onjengendodana yomuntu ; yafika komdala wezinsuku , yasondezwa phambi kwakhe.