Skip to Content

"emikhawulweni"

38 occurrences in ZUL

Bheka, kwavela emikhawulweni yakhona owesifazane waseKhanani , wakhala wathi : Ngihawukele, Nkosi, Ndodana kaDavide ! Indodakazi yami ikhwelwe kabi yidemoni.

Kwathi uJesu eseqedile lawo mazwi , wamuka eGalile, weza emikhawulweni yaseJudiya phesheya kweJordani.

Abantwana bakwa -Israyeli badla imana iminyaka engamashumi amane , baze bafika ezweni elakhiweyo ; badla imana , baze bafika emikhawulweni yezwe laseKhanani.

Akuyikubonakala mvubelo kuwe emikhawulweni yakho yonke izinsuku eziyisikhombisa; futhi akuyikusala nyama oyihlabile ngosuku lokuqala kusihlwa ubusuku bonke kuze kuse.

Lapho esengenile endlini yakhe , wathatha umese , wabamba isancinza sakhe, wasihlahlela ithambo ngethambo , kwaba yizinqamu eziyishumi nambili, wasithuma emikhawulweni yonke yakwa-Israyeli.

Ayesahlulwa amaFilisti , awabe esaphinda ukungena emikhawulweni ka - Israyeli; isandla sikaJehova sasimelene namaFilisti zonke izinsuku zikaSamuweli.

Amalunga aseJabeshi athi kuye : Siyeke izinsuku eziyisikhombisa ukuba sithume izithunywa emikhawulweni yonke yakwa -Israyeli; uma kungekho osisindisayo, siyakuphumela kuwe.

Wathatha izinkabi ezimbili, wazihlahlela, wazithuma emikhawulweni yonke yakwa-Israyeli ngesandla sezithunywa, ethi: Ongaphumi emva kukaSawule noSamuweli kuyakwenziwa kanjalo kuzo izinkabi zakhe . Ingebhe ngoJehova yehlela phezu kwabantu, baphuma njengomuntu munye.

UDavide wathi enhliziyweni yakhe : Ngiyakubhubha ngelinye ilanga ngesandla sikaSawu le; akukho okungcono kimi kunokuba ngibaleke , ngiye ezweni lamaFilisti ; uSawule uyakungiyeka , angabe esangifuna emikhawulweni yonke yakwa-Israyeli, ngiphunyuke esandleni sakhe.

Ngalezo zinsuku uJehova waqala ukunqinda elakwa -Israyeli; uHazayeli wabachitha emikhawulweni yonke yakwa-Israyeli,

Lezi ziyizindawo zawo zokuhlala njengamakamu awo emikhawulweni yawo: amadodana ka -Aroni emindeni yamaKohati ngokuba yiwona adliwa yinkatho yokuqala

Zikhethele noma indlala yeminyaka emithathu , noma ukuchithwa yizitha zakho iz inyanga ezintathu uficwa yinkemba yezitha zakho , noma izinsuku ezintathu zenkemba kaJehova nesifo ezweni , ingelosi kaJehova ichithe emikhawulweni yonke yakwa -Israyeli. Manje zibonele izwi engiyakulibuyisela kongithumileyo.

Abapristi namaLevi ayekwa -Israyeli wonke bazihlanganisa naye bephuma emikhawulweni yonke.

Abakhile emikhawulweni yomhlab a bayesaba ngezibonakaliso zakho ; uyethabisa impumalanga nentshonalanga.

Ukhuphula izinkungu emikhawulweni yomhlab a, wenza imibani kube yimvula; ukhipha umoya ezingotsheni zakhe.

Uma ngithabatha amaphiko okusa , ngiye ngihlale emikhawulweni yolwandle,

Uyenza ukuthula emikhawulweni yakho; uyakusuthisa ngokolweni omuhle.

Siyezwa amahubo avela emikhawulweni yomhlaba , athi: Udumo malu be koLungileyo! Kepha mina ngithi : Ngifile, ngifile! Maye kimi ! Abakhohlisi bakhohlisile, yebo, abakhohlisi bakhohlisile nokukhohlisa.

wena engikuthathile emikhawulweni yomhlaba , ngakubiza emagumbini awo, ngathi kuwe: Wena uyinceku yami, ngikukhethile, angikulahlanga;

Mhubeleni uJehova ihubo elisha , nodumo lwakhe , kusukela emikhawulweni yomhlaba , nina enehlela elwandle nakho konke okukulo , nina ziqhingi nabakhileyo kuzo.

Ngiyakusho kuyo inyakatho , ngithi: Balethe, nakuyo iningizimu : Ungabagodli. Lethani amadodana ami akude , namadodakazi am i ukuba aphume emikhawulweni yomhlaba,

Lapho elizwakalisa izwi lakhe , kungukuhlokoma kwamanzi ezulwini; uzikhuphula izinkungu emikhawulweni yomhlaba , enzele imvula unyazi , awukhiphe umoya endlini yengcebo.

Ngiyakunikela imfuyo yakh o nengcebo yakho kube yimpango kungengantengo, ngazo zonke izono zakho emikhawulweni yakho yonke.

Intaba yami yasendle , impahla yakho nengcebo yakho yonke ngiyakukunikela kube yimpango kanye nezindawo zakho eziphakemeyo ngenxa yezono emikhawulweni yakho yonke.

Usho kanje uJehova Sebawoti , uthi: Bheka, okubi kuyaphum a kwesinye isizwe kuye kwesinye, nesivunguvungu siyavuswa emikhawulweni yomhlaba.

Bheka, ngiyakubabuyisa ezweni lasenyakatho , ngibabuthe emikhawulweni yomhlaba, okuphakathi kwabo kuyizimpumputhe nezinyonga , abakhulelweyo nababelethayo kanyekanye , babuyele lapha beyibandla elikhulu.

Kukhona ithemba lokugcina kwakho , usho uJehova ; abantwana bayakubuyela emikhawulweni yabo.

Ngiyakwehlisela phezu kwe-Elamu imimoya emine emikhawulweni yomine yezulu, ngibahlakazele kuyo yonke leyo mimoya , kungabe kusabakho sizw e lapho abaxoshiweyo base-Elamu bengayikufika khona.

Lapho elizwakalisa izwi lakhe , kungukuhlokoma kwamanzi ezulwini ; uzikhuphula izinkungu emikhawulweni yomhla ba, enzele imvula unyazi , awukhiphe umoya endlini yengcebo.

Kuyakuthi ekwahlukanisweni kwezwe ngenkatho libe ngamafa, ninikele kuJehova ngomnikelo , okungcwele kwezwe , ubude bube ngubude bezinhlanga eziyizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu, ububanzi bube yizinkulungwane eziyishumi , kube ngcwele emikhawulweni yonke nxazonke.

Bayakuchitha izwe lase -Asiriya ngenkemba, nezwe lakwaNimrode ezintubeni zalo, asophule kumAsiriya, lapho engena ezweni lakithi , nalapho enyathela emikhawulweni yethu.

Wasuka eNazaretha , weza wahlala eKapernawume elingaselwandle emikhawulweni yakwaZabuloni neyakwaNafetali

Bheka, umuzi wonke waphuma ukuyomhlangabeza uJesu ; bathe bembona, bamncenga ukuba amuke emikhawulweni yelakubo.

Inkosikazi yaseningizimu iyakusukuma ekwahlulelweni kanye nalesi sizukulwane, isilahle; ngokuba yavela emikhawulweni yomhlaba izakuzwa ukuhlakanipha kukaSolomoni ; bhekani, lapha kukhona okukhulu kunoSolomoni.

Wayesemuka lapho , waya emikhawulweni yaseTire . Wangena endlini , akathanda ukwaziwa muntu, kodwa wayengenakufihlakala.

UJesu waphuma futhi emikhawulweni yaseTire , wadabula iSidoni , weza ngaselwandle lwaseGalile edabula izwe laseDekapholi.

Wasuka lapho , weza emikhawulweni yaseJudiya nangaphesheya kweJordani; izixuku zabuye zabuthana kuye , waphinda wabafundisa abantu njengokujwayela kwakhe.

Kepha abaJuda bavusa abesifazane abaqotho abanesithunzi nezikhulu zomuzi, bavusela oPawulu noBarnaba ukuzingelwa , babaxosha emikhawulweni yabo.