Abantu abaningi bayakuhamba , bathi: Wozani sikhuphukele entabeni kaJehova endlini kaNkulunkulu kaJakobe ; uyakusifundisa izindlela zakhe , sihambe emikhondweni yakhe, ngokuba umthetho uyakuvela eSiyoni , nezwi likaJehova eJerusalema.
Uvalile indlela yami ukuze ngingabi nakudlula ; ubeka ubumnyama emikhondweni yami.
Bakhona abakuhlubukile ukukhanya ; abazi indlela yakho , abanamatheli emikhondweni yakho.
ndodana yami , ungahambi nazo endleleni , unqande unyawo lwakho emikhondweni yazo,
Ngikufundisa ngendlela yokuhlakanipha ; ngikuhola emikhondweni yobuqotho.
Inhliziyo yakho mayingaphambukeli ezindleleni zakhe , ungahambi emikhondweni yakhe.
ukuba ameme abadlula endleleni, abaqonda emikhondweni yabo, ngokuthi:
Ngiyakuhambisa izimpumputhe ngendlela ezingayaziyo ; emikhondweni ezingayaziyo ngiyakuzihola ; ngiyakwenza ubumnyama bube ngukukhanya phambi kwazo, namagebhugebhu ukuba ahlelenjwe ; ngiyakwenza lezi zinto ngingazishiyi.
Indlela yokuthula abayazi , nokwahlulela akukho emikhondweni yabo ; bazenzele izindlela eziyisigwegwe, bonke abahamba ngazo abazi ukuthula.
Izizwe eziningi ziyakuhamba , zithi: Wozani sikhuphukele entabeni kaJehova nasendlini kaNkulunkulu kaJakobe; uyakusifundisa izindlela zakhe, sihambe emikhondweni yakhe, ngokuba umthetho uyakuvela eSiyoni , nezwi likaJehova eJerusalema.