Skip to Content

"emikhulekweni"

6 occurrences in ZUL

Uyakhonza kini u -Ephafra ongomunye wakini , inceku kaKristu Jesu , enilwela njalo emikhulekweni, ukuze nime niphelele niqinisekile entandweni yonke kaNkulunkulu.

Ngibonga uNkulunkulu wami njalo ngikukhumbula emikhulekweni yami,

angiyeki ukubonga ngenxa yenu, nginikhumbula emikhulekweni yami,

Sibonga uNkulunkulu njalo ngani nonke, siniphatha emikhulekweni yethu,

Ngiyambonga uNkulunkulu engimkhonzayo kusukela kokhokho ngonembeza omhlophe , njengalokhu ngikukhumbula ngokungaphezi emikhulekweni yami ubusuku nemini,

Kwase kufika enye ingelosi, yema ngase-altare inesitsha segolide sempepho, yanikwa impepho eningi ukuba iyelekele emikhulekweni yabangcwele bonke phezu kwe-altare legolide eliphambi kwesihlalo sobukhosi.