Skip to Content

"emithathu"

36 occurrences in ZUL

Wathi kuye : Ngithabathele isithokazi esineminyaka emithathu , nembuzi eyinsikazi eneminyaka emithathu, nenqama eneminyaka emithathu, nehobhe, nephuphu lejuba.

Wabheka, nanko umthombo endle , nemihlambi emithathu yezimvu ilele ngakuwo, ngokuba kulowo mthombo babephuzisa imihlambi ; itshe elalisemlonyeni womthombo lalilikhulu kakhulu.

Nanxa senifikile ezweni , nitshale imithi eyizinhlobonhlobo edliwayo , anothi izithelo zayo zingukungasoki kwayo ; iminyaka emithathu iyakuba njengengasokiwe kini: mazingadliwa.

khona ngiyakuyala isibusiso sami sehlele ph ezu kwenu ngomnyaka wesithupha, uze uthele ukudla kweminyaka emithathu.

Niyakunikela imizi emithathu ngaphesheya kweJordani , ninikele imizi emithathu ezweni laseKhanani ibe yimizi yokuphephela.

Wogcina izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngakho namuhla ukuba kube kuhle ku we, nakubantwana bakho emva kwakho , wandise izinsuku zakho ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona kuze kube phakade. Ukwahlukaniswa kwemizi emithathu yokuphephela

Khona uMose wahlukanisa imizi emithathu ngaphesheya kweJordani ngasempumalanga

Ngasekugcineni kweminyaka emithathu njalo uyakukhipha konke okweshumi kwezithelo zakho ngawona lowo mnyaka , ukubekelele phakathi kwamasango akho;

uyakuzahlukanisela imizi emithathu phakathi kwezwe lakho akunika lona uJehova uNkulunkulu wakho ukuba ulidle.

Ngalokho ngiyakuyala ngokuthi: Uyakuzahlukanisela imizi emithathu.

uma ugcina yonke le miyal o ukuba uyenze , engikuyala ngakho namuhla , umthande uJehova uNkulunkulu wakho , uhambe njalo ngezindlela zakhe , wozithasiselela eminye imizi emithathu ngaphandle kwaleyo emithathu

U-Abimeleki wayeyisikhulu phezu kuka-Israyeli iminyaka emithathu.

Ngiyakucibishela imicibisholo emithathu ngasec eleni kwalo , kungathi ngicibishela isigcibisholo.

Wabaleka-ke u -Abisalomu, waya eGeshuri , wahlala khona iminyaka emithathu.

Wayesethi uJowabe : Anginakulibala kanje nawe . Wathatha imikhonto emithathu ngesandla sakhe, wambhokoda u-Abisalomu enhliziyweni esezwa, ephakathi kwe-oki.

Kwaba khon a indlala ezinsukwini zikaDavide iminyaka emithathu ngokulandelana; uDavide wafuna ubuso bukaJehova . UJehova wathi : Kungenxa kaSawule nangenxa yendlu yakhe yegazi , ngokuba wabulala abaseGibeyoni.

Kwathi ngasekupheleni kweminyaka emithathu izinceku ezimbili zikaShimeyi zabaleka, zaya ku-Akhishi indodana kaMahakha inkosi yaseGati. UShimeyi watshelwa ukuthi: Bheka, izinceku zakho ziseGati.

Ngokuba inkosi yayinemikhumbi yaseTharishishi elwandle kanye nemikhumbi kaHiramu ; kanye ngeminyaka emithathu yafika imikhumbi yaseTharishishi iletha igolide , nesiliva, nezimpondo zendlovu , nezimfene, namapikoko.

Wabusa iminyaka emithathu eJerusalema ; igama likanina lalinguMahakha , indodakazi ka-Abisalomu.

Bahlala iminyaka emithathu kungekho ukulwa phakathi kwe -Aramu no - Israyeli.

Inkosi yase-Asiriya yayisenyuka, yadabula izwe lonke , yenyukela eSamariya, yalivimbezela iminyaka emithathu.

Ngasekupheleni kweminyaka emithathu balithatha; ngomnyaka wesithupha kaHezekiya owawungumnyaka wesishiyagalolunye kaHosheya inkosi yakwa - Israyeli iSamariya lathathwa.

Emihleni yakhe kwenyuka uNebukadinesari inkosi yaseBabele; uJehoyakimi wayeyinceku yakhe iminyaka emithathu; wayesebuya, wamhlubuka.

Zikhethele noma indlala yeminyaka emithathu , noma ukuchithwa yizitha zakho iz inyanga ezintathu uficwa yinkemba yezitha zakho , noma izinsuku ezintathu zenkemba kaJehova nesifo ezweni , ingelosi kaJehova ichithe emikhawulweni yonke yakwa -Israyeli. Manje zibonele izwi engiyakulibuyisela kongithumileyo.

Ngokuba inko si yayinemikhumbi eyaya eTharishishi kanye nezinceku zikaHiramu; kanye ngeminyaka emithathu yafika imikhumbi yaseTharishishi iletha igolide, nesiliva, nezimpondo zendlovu, nezimfene, namapikoko.

Base bewuqinisa -ke umbuso wakwaJuda , benza uRehobowamu indodana kaSolomoni waba namandla iminyaka emithathu , ngokuba bahamba iminyaka emithathu endleleni kaDavide noSolomoni. Abafazi nabantwana bakaRehobowamu

Wabusa iminyaka emithathu eJerusalema ; igama likanina lalinguMikhaya indodakazi ka-Uriyeli waseGibeya. Kwakukhona ukulwa phakathi kuka-Abiya noJerobowamu.

ngaphandle kwabesilisa ababhaliweyo ngezizukulwane zabo , kusukela kwabaneminyaka emithathu kuya phezulu , bonke ababengena endlini kaJehova ngendaba yomsebenzi wabo wemihla ngemihla ngezimfanelo zabo nezigaba zabo;

Kepha manje uJehova ukhulumile ukuthi: Phakathi kweminyaka emithathu njengeminyaka yomqashwa udumo lukaMowabi luyakudelelwa , noma enezixuku eziningi; insali iyakuba ncane kakhulu, ingabi namandla.

UJehova wathi : Njengalokhu inceku yami u -Isaya isihambe ze ingafakile nazicathulo iminyaka emithathu , iyisibonakaliso nesimangaliso eGibithe naseKushe,

Inkosi yabamisela isabelo semihla ngemihla sokudla kwenkosi nesewayini eliphuzayo, bondliwe iminyaka emithathu; kuyakuthi ngasekugcineni kwayo beme phambi kwenkosi.

Kwase kuhamba imizi emibili noma emithathu , yaya komunye umuzi ukuyophuza amanzi, kodwa ayaneliswanga; kepha nokho anibuyelanga kimi, usho uJehova.

Wayesethi kuso isisebenzi sesivini : Bheka, sekuyiminyaka emithathu ngiza ngifuna isithelo kulo mkhiwane , ngingasifumani; wunqume; yini ukuba uyone futhi inhlabathi?

Ngakho lindani, nikhumbule ukuthi ngeminyaka emithathu ubusuku nemini angiyekanga ukuniluleka nonke ngabanye ngezinyembezi.

Kwathi e mva kweminyaka emithathu ngenyukela eJerusalema ukubona uKhefase; ngahlala kuye izinsuku eziyishumi nanhlanu.

U-Eliya wayengumuntu efana nathi ; wakhuleka n okukhuleka ukuba lingani; alinanga emhlabeni iminyaka emithathu nezinyanga eziyisithupha.