"emkhathini"
17 occurrences in ZUL
UNkulunkulu wathi : Makube khona emkhathini wezulu izinkanyiso ezahlukanisa imini nobusuku , zibe yizibonakaliso zezinkathi , nezezinsuku, nezeminyaka,
UNkulunkulu wathi : Amanzi mawagcwale uswebezane lwezilwane eziphilayo, kundize izinyoni phezu komhlaba emkhathini wezulu.
Ngiyakuhlangana nawe khona , ngikhulume nawe , ngiphezu kwesihlalo somusa emkhathini wamakherubi amabili aphezu komphongolo wobufakazi , ngakho konke engiyakukuyala ngakho ukuba ubatshele abantwana bakwa - Israyeli. Itafula lesinkwa sokubukwa
U-Abisalomu wasuka wahlangana nezinceku zikaDavide . U-Abisalomu wayekhwele umnyuzi wakhe , umnyuzi wangena phansi kwehlozi le -oki, ikhanda lakhe labambelela e -okini, waphakanyiselwa emkhathini wezulu nomhlaba; umnyuzi obuphansi kwakhe wadlula.
UDavide wayehlezi emkhathini wamasango omabili; umlindi wakhuphukela ophahleni lwesango ngasogangeni , waphakamisa amehlo akhe , wabheka, nanguya umuntu egijima eyedwa.
UDavide wayesephakamisa amehlo akhe , wayibona ingelosi kaJehova imi emkhathini womhlaba nezu lu, inenkemba ehoshiweyo esandleni sayo , yelulelwe phezu kweJerusalema . UDavide namalunga bembethe izindwangu zamasaka bawa ngobuso babo.
Ngase ngiphakamisa ameh lo ami , ngabona; bheka, kwaphuma abesifazane ababili, umoya usemaphikweni abo ; babe namaphiko njengamaphiko kanogolantethe, baliphakamisa i-efa emkhathini wezulu nomhlaba.
Ngase ngibona, bheka, emkhathini owawuphezu kwamakhanda amakherubi kwabonakala okunjengetshe lesafire, kufana kungathi nesihlalo sobukhosi.
Ngisacabanga, bheka, kwavela impongo ngasentshonalanga ebusweni bawo wonke umhlaba , ingawuthinti umhlaba kodwa; impongo yayinophondo oluqhamileyo emkhathini wamehlo ayo.
ngokuba asibambene negazi nen yama, kodwa sibambene nemibuso , namandla, nababusi bezwe balobu bumnyama , nabawomoya bobubi emkhathini.
Ngase ngibona , ngezwa ukhozi lundiza emkhathini wezulu , lumemeza ngezwi elikhulu, luthi: Maye, maye, maye kwabakhileyo emhlabeni ngokunye ukukhala kwecilongo lezingelosi ezintathu ezisezakubetha!