Skip to Content

"emnikelweni"

6 occurrences in ZUL

Yonke iminikelo yakho yempuphu iyoliswe ngosawoti ; ungavumeli ukuba usawoti wesivumelwano sikaNkulunkulu wakho asilale emnikelweni wakho wempuphu; wonikela ngayo yonke iminikelo yakho inosawoti.

UMose wayesekuthatha ezandleni zabo , wakushisa e -altare emnikelweni wokushiswa; kwakungokokwahlukaniselwa, kwaba yiphunga elimnandi , umnikelo womlilo kuJehova.

kepha amanoni nezinso namanoni aphezu kwesibindi emnikelweni wesono wakushisa e-altare, njengalokho uJehova emyalile uMose.

Uma indodakazi yompristi igana umfokazi , yona mayingadli emnikelweni wokuphakanyiswa wezinto ezingcwele.

Wathi: Gcwalisani izimbiza ezine ngamanzi, niwathele emnikelweni wokushiswa naphezu kwezinkuni. Wathi: Kwenzeni ngokwesibili. Wayesethi: Kwenzeni nangokwesithathu. Baphinda ngokwesithathu.

Kepha abapristi abakhulu bazithatha izinhlamvu zesiliva , bathi: Akuvunyelwe ukuzifaka emnikelweni, ngokuba kuyimali yegazi.