Skip to Content

"emthunzini"

14 occurrences in ZUL

Bhekani, nginamadodakazi amabili angayazi ndod a; ake nginiphumisele wona, nenze kuwo njengokufanele emehlweni enu ; kepha kulawa madoda ningenzi lutho, ngokuba angene emthunzini wophahla lwami.

Isihlahla somkhaya sathi kuyo imithi : U ma ningigcoba impela ngibe yinkosi yenu , wozani niphephele emthunzini wami ; uma kungenjalo , makuphume umlilo kuso isihlahla somkhaya, uqede imisedari yaseLebanoni.

Bayakubuya, bahlale emthunzini wakhe , babuye baphile njengamabele , bakhahlele njengomvini, igama lakhe lodumo libe njengomvini waseLebanoni.

Yena owakhile ekusithekeni koPhezukonke nohlezi emthunzini kaSomandla

Njengomapula phakathi kwemithi yasehlathini , unjalo othandiweyo wami phakathi kwamadodana . Ngahlala phansi emthunzini wakhe ngokwenama okukhulu, nesithelo sakhe sasimnandi emlonyeni wami.

abahamba ukuba behlele eGibithe , bengacelanga emlonyeni wami , baziqinise emandleni kaFaro, baphephele emthunzini waseGibithe!

Ngalokho amandla kaFar o ayakuba ngamahloni kini , ukuphephela kwenu emthunzini waseGibithe kube ngukudumala kini.

Ngiwabekile amazwi ami emlonyeni wakho , ngikusibekele emthunzini wesandla sami , ukuze ngiwatshale amazulu , ngisibeke isisekelo somhlaba , ngithi kulo iSiyoni: Wena uyisizwe sami.

Emthunzini waseHeshibon i ababalekileyo bayema bephelile amandla , ngokuba umlilo uphumile eHeshiboni , nelangabi phakathi kweSihoni ; udlile amacele akwaMowabi, nokhakhayi lwamadoda omsindo okulwa.

Zonke iziny oni zezulu zakha emagatsheni awo , zonke izilwane zasendle zazalela phansi kwezingatsha zawo ; emthunzini wawo zahlala zonke izizwe ezinkulu.

Abafokazi, abesabekayo bezizwe , bawunqumile, bawushiya. Amagatsha awo awele ezintabeni nasezigodini , nezingatsha zawo zaphukile kuyo yonke imifudlana yezwe, nabo bonke abantu behlile emthunzini wawo, bawushiya.

Nayo yehlela kanye nawo endaweni yabafileyo kwabagwaziweyo ngenkemba, ababe yingalo yawo , ababehlela emthunzini wawo phakathi kwezizwe.

UJona wayesephuma emzini, wahlala ngasempumalanga komuzi, wazenzela idokodo khona , wahlala phansi kwalo emthunzini , ukuze abone ukuthi kuyakwenziwa njani kuwo umuzi.

kodwa nxa isihlwanyelwe imila ibe nkulu kunazo zonke izilimo , ixhante amagatsha amakhulu, ukuze izinyoni zezulu zakhele emthunzini wawo.