Kwathi eseBethaniya endlini kaSimoni owayenochoko , ehlezi ekudleni , kwafika owesifazane ephe the umfuma we -alabaste wamafutha enadi lodwa elibiza kakhulu; wachoboza umfuma wathela amafutha ekhanda lakhe.
UMariya wayesethatha ilitra lamafutha enadi lodwa elinenani elikhulu , wagcoba izinyawo zikaJesu, wesula izinyawo zakhe ngezinwele zakhe ; indlu yagcwala iphunga lamafutha.