Wawa ngasezinyaweni zakhe , wathi: Lobo bubi mabube phezu kwami , nkosi; incekukazi yakho mayikhulume ezindlebeni zakho , uzwe amazwi encekukazi yakho.
Wasondela kuye ; owesifazane wayesethi : Wena unguJowabe na ? Wathi: Nginguye. Wayesethi kuye : Yizwa amazwi encekukazi yakho . Wathi: Ngiyezwa.
Bheka, njengamehlo ezinceku ekuzo izandla zamakhosi azo , namehlo encekukazi ekuso isandla senkosikazi yayo , kanjalo amehlo ethu akuye uJehova uNkulunkulu wethu, aze abe nomusa kithi.