Skip to Content

"encimfelwayo"

7 occurrences in ZUL

benze izwe labo libe yisimangalis o nento encimfelwayo njalo ; bonke abadlula khona bayakumangala, banikine ikhanda.

Ngiyakwenza lo muzi ukuba ube yisimangaliso nento encimfelwayo ; bonke abadlula khona bayakumangala , bancimfe ngenxa yazo zonke izinhlupheko zawo.

bheka, ngiyakuthumela, ngilande yonke imindeni yasenyakatho , usho uJehova, noNebukadinesari, inkosi yaseBabele , inceku yami , ngibehlisele phezu kwaleli zwe nabakhileyo kulo , naphezu kwazo zonke lezi zizwe nxazonke, ngibaqalekise, ngibenze babe yisimangaliso nento encimfelwayo , nencithakalo ephakade.

iJerusalema nemizi yakwaJuda , namakhosi alo , nezikhulu zalo , ukuba ngikwenze kube yincithakalo , nesimangaliso, nento encimfelwayo , nesiqalekiso njenganamuhla;

Ngiyakubalandela ngenkemba , nangendlala, nangesifo, ngibenze babe yingebhe emibusweni yonke yomhlaba , babe yisiqalekiso , nesimangaliso, nento encimfelwayo, nehlazo ezizweni zonke engibaxoshele kuzo,

IBabele liyakuba yizinqwaba , nendawo yokuhlala kwamakhanka , nencithakalo, nento encimfelwayo, kungabikho ohlala khona.

Izimiso zika-Omri ziyagcinwa, nazo zonke izenzo zendlu ka-Ahabi; nihamba ngamacebo abo; ngalokho ngiyakunenza incithakalo nabakhileyo khona into encimfelwayo; niyakuthwala ihlazo labantu bami.