"endle"
70 occurrences in ZUL
UJakobe wezwa ukuthi ungcolisile indodak azi yakhe uDina ; amadodana akhe ayesezinkomeni endle; uJakobe wathula, aze afika.
Kwakungakabikho sihlahla endle , namifino yayingakamili emhlabathini , ngokuba uJehova uNkulunkulu wayengakan isi imvula emhlabeni , kungakabikho muntu wokulima umhlabathi.
UKayini wakhuluma ku -Abela umf owabo, wathi: Masiye endle . Kwathi besendle, uKayini wasukela umfowabo u-Abela, wambulala.
URebeka wayenomnewabo ogama lakhe linguLabani ; uLabani wagij imela endle kulowo muntu ngasemthonjeni.
U-Isaka waphuma ntambama ukuyozindla endle ; waphakamisa amehlo akhe, wabona; bheka, kweza amakamela.
Wathi encekwini: Ngubani le ndoda ehamba endle ukuzosihlangabeza na ? Yathi inceku: Yinkosi yami, wayesethatha imvakazi yakhe, wagubuzela.
Ngalokho awuthathe manje izikh ali zakho , umgodla wakho nomnsalo wakho, uye endle, ungizingelele inyamazane,
URebeka wezwa u -Isaka ekhuluma no -Esawu indodana yakhe . U-Esawu waya endle ukuyozingela inyamazane, abuye nayo.
Wabheka, nanko umthombo endle , nemihlambi emithathu yezimvu ilele ngakuwo, ngokuba kulowo mthombo babephuzisa imihlambi ; itshe elalisemlonyeni womthombo lalilikhulu kakhulu.
Ngesikhathi sokuvuna ukolweni uRubeni waya wafumana amamandragora endle, wawayisa kunina uL eya. URaheli wayesethi kuLeya : Ake ungiphe amamandragora endodana yakho.
Kusihlwa uJakobe esebuya endle , uLeya waya ukumhlangabeza , wathi: Ngena kimi , ngokuba impela ngikuqashile ngamamandragora endodana yami. Wayeselala naye ngalobo busuku.
Amadodana kaJakobe abuya endle esezwile lokho ; abantu badabuka , bathukuthela kakhulu , ngokuba ubenze ubuwula kwa-Israyeli ngokulala nendodakazi kaJakobe, okungenakwenziwa.
Ngalokho thuma, ubuyise imfuyo yakho nakho konke onakho endle ; bonke abantu nazo zonke izinkomo okuyakufunyanwa endle kungagoduswanga kuyakuwelelwa yisichotho, kufe.
Siyakusibekela ubuso bomhlaba , ukuze kungabe kusabonwa mhlabathi ; siyakudla okuseleyo okusindile, enikushiyelwe yisichotho, sidle yonke imithi enimilelayo endle.
Wayesethi uMose : Yidlani lokhu namuhla , ngokuba namuhla kuyisabatha likaJehova; namuhla aniyikukuthola endle.
Niyakuba ngabantu abangcwele kimi ; ngalokho a niyikudla nyama yesilwane esidweshulwe endle, kepha anoyiphonsa ezinjeni.
amfafaze kasikhombisa oya kuhlanjululwa ochokweni lwakhe , asho athi uhlambulukile, ayiyeke inyoni ezwayo, iphumele endle.
ayiyeke inyoni ezwayo , iphume emzini iye endle , ayenzele kanjalo indlu ukubuyisana; iyakuhlambuluka.
Ngalokho abantwana bakwa -Israyeli bayakuletha imi hlatshelo yabo abayihlaba endle, bayilethe kuJehova ngasemnyango wetende lokuhlangana, kumpristi, banikele ngayo ibe yiminikelo yokuthula kuJehova.
Yilowo nalowo othinta endle obulewe ngenkemba , noma isidumbu, noma ithambo lomuntu , noma ithuna , uyakuba ngongcolile izinsuku eziyisikhombisa.
Uma kufunyaniswa obuleweyo ezweni akunika lona uJehova uNkulunkulu wakho ukuba ulidle, elele endle, kungaziwa ukuthi ngubani ombuleleyo,
Kepha uma indoda ifumana endle intombi eyingoduso , indoda iyiphoqe, ilale nayo, indoda ebilala nayo kuphela iyakufa,
Kwathi lapho u-Israyeli eseqedile ukubulala bonke abakhileyo e -Ayi endle ehlane, lapho ebebaxoshele khona , bese bewe bonke ngosiko lwenkemba baze baqedwa , bonke abakwa -Israyeli babuyela e -Ayi, balichitha ngosiko lwenkemba.
Baya endle , bavuna izivini zabo , banyathela imivini , bagubha umkhosi , bangena endlini kankulunkulu wabo , badla, baphuza, bamqalekisa u - Abimeleki.
Wathatha abantu , wabahlukanisela izigaba ezintathu , waqamekela endle ; wabheka, nampa abantu bephuma emzini; wabavukela, wababulala.
UNkulunkulu walalela izwi likaManowa ; ingelosi kaNkulunkulu yabuyela kowesifazane ehlezi endle; kepha uManowa indoda yakhe wayengenaye.
ngiyakuphuma ngime ngakubaba endle lap ho ukhona, ngikhulume ngawe nobaba; uma ngibona okuthile, ngiyakukutshela.
UDavide wathi kuJonathani : Bheka, kusasa iyakwethwasa inyanga ; angifanele ukuphu tha ukuhlala nenkosi ekudleni , kepha ngivumele ukuba ngihambe, ngicashe endle kuze kube sosukwini lwesithathu ngakusihlwa.
Kwathi ekuseni uJonathani waphuma , waya endle ngesikhathi abasimisile noDavide, umfana omncane enaye.
Abantwana bakwa -Amoni baphuma , bahlela impi ngasesikhaleni sesango ; ama-Aramu aseSoba naseRehobe , nabantu baseThobi , nabaseMahakha babebodwa endle.
U-Uriya wathi kuDavide : Umphongolo, no-Israyeli, noJuda bahlezi emadokodweni; inkosi yami uJowabe nezinceku zenkosi yami zimisile endle ; mina-ke, pho, ngingene endlini yami, ngidle, ngiphuze, ngilale nomkami na? Kuphila kwakho nokuphila komphefumulo wakho, angiyikuyenza leyo nto.
Isithunywa sathi kuDavide : Amadoda ayesehlula, asiphumela endle, kepha sawaficezela kwaze kwaba sesikhaleni sesango.
Incekukazi yakho yayinamadodana amabili ; alwa odwa endle , akwabakho muntu wokulamula, kepha enye yashaya enye, yayibulala.
Wathi futhi uHushayi : Uyamazi uyihlo nabant u bakhe ukuthi bangamaqhawe nokuthi bacasukile ezinhliziyweni zabo njengebhere elaphucwe amazinyane alo endle ; uyihlo uyindoda yempi , akayikuhlala nabantu.
Kwathi ngaleso sikhathi , lapho uJerobowamu ephumile eJerusalema , umprofethi u -Ahiya waseShilo wamfumana endlel eni, embethe ingubo entsha; labo bobabili babebodwa endle.
Yena wakwaJerobow amu ofela emzini uyakudliwa yizinja , nofela endle uyakudliwa yizinyoni zezulu, ngokuba uJehova ukukhulumile.
Yena wakwaBahasha ofela emzini uyakudliwa yizinja , nalowo wakwakhe ofela endle uyakudliwa yizinyoni zezulu.
Kwaphuma omunye , waya endle ukukha imifi no, wafumana intandela yasendle, wabutha kuyo izintangazane ; yagcwala ingubo yakhe ; wafika, waziklabelela ekhanzini lokudla, ngokuba babengazazi.
Abantwana bakwa -Amoni baphuma , bahlela impi ngasesangweni lo muzi; kepha amakhosi ayefikile ayewodwa endle.
Khuluma! Usho k anje uJehova , uthi: Izidumbu zabantu ziyakuwa njengomquba endle, nanjengesithonto emva komvuni, kungekho okubuthayo.
Uma ngiphumela endle , bheka, nampo ababuleweyo ngenkemba , nalapho ngingena emzini , bheka, nampo abaphethwe yindlala , ngokuba umprofethi nompristi bahamba izwe bengazi lutho.
Kepha kwafunyanwa amadoda ayishumi phakathi kwabo asho ku -Ishmayeli, athi: Ungasibulali, ngokuba sinokolweni , nebhali, namafutha, nezinyosi okubekelelwe endle. Wayesebayeka, akababulalanga kanye nabafowabo.
Bheka, Jehova, ngokuba nginosizi; izibilini zami ziyaxhaphazela. Inhliziyo yami iphendukile phakathi kwami, ngokuba ngihlubukile nokuhlubuka. Endle yinkemba eyaphucayo, ekhaya ngukufa.
Awuhawukelwanga yiso ukuba kwenziwe lokhu kuwe, uphathwe ngobubele, kepha waphonswa endle, lokhu wanengeka ngosuku lokuzalwa kwakho.
Uyakubulala amadodakazi akho endle ngenkemba , enze inqaba ngakuwe , akunqwabele iduli, akumisele ihawu.
Ngiyakukuphonsa emhlabathini , ngikuntshinge endle , ngihlalise phezu kwakho zonke izinyoni zezulu, ngisuthise zonke izilwane zomhlaba ngawe.
Abayikuthatha muthi endle , bangagawuli emahlathini , ngokuba bayakuphemba umlilo ngezikhali , baphange ababaphangay o, bamuke ababamukileyo, isho iNkosi uJehova.
Yiba nemihelo , uzale, ndodakazi yase Siyoni njengobelethayo , ngokuba manje uyakuphuma emzini , uhlale endle , ufike naseBabele , lapho uzakophulwa khona; lapho uJehova uyakukukhulula esandleni sezitha zakho.
Ngenxa yenu ngiyakukhuza okudlayo , kungachithi izithelo zomhlabathi wenu, nemivini yenu ayiyikuphutha endle, usho uJehova Sebawoti.
Acindezela umuntu obedlula, uSimoni waseKhurene, evela endle, uyise ka- Aleksandru noRufu, ukuba athwale isiphambano sakhe. UJesu esesiphambanweni (Math. 27:33; Luk. 23:26; Joh. 19:17)
Ngumuphi kini onenceku elimayo nokuba eyalusayo, athi kuyo ibuya endle: Sondela masinyane, uhlale phansi, udle ?