Skip to Content

"endulo"

15 occurrences in ZUL

UJoshuwa wathi kubantu bonke : Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka - Israyeli, uthi: Oyihlo bahlala endulo ngaphesheya koMfula, uThera uyise ka- Abrahama noyise kaNahori, bakhonza abanye onkulunkulu.

Lokhu kwakunje ngokuhlenga nokwenana endulo kwa -Israyeli ukuba kuqiniswe izindaba zonke : umuntu wakhumula isicathulo sakhe , wasinika umakhelwane wakhe; lokho kwakungubufakazi kwa-Israyeli.

Endulo kwa -Israyeli, lapho umuntu ebeyakubuza kuNkulunkulu , washo wathi: Woza siye kumboni ; ngokuba lo othiwa umprofethi manje wabizwa kuqala ngokuthi umboni.

Wathi-ke: Endulo babevama ukukhuluma ngokuthi : Kuyakubuzwa nokubuzwa e-Abela. Base beqeda.

Khumbula ibandla lakho owalizuza endulo , owalikhulula ukuba libe yisifunda sefa lakho, nentaba yaseSiyoni ohlala kuyo.

Endulo wawusekela umhlaba, izulu lingumsebenzi wezandla zakho.

Ningesabi, ningabi naluvalo; angithi ngikuzwisile kusukela endulo , ngakumemezela, na? Nina ningofakazi bami . Kukhona uNkulunkulu ngaphandle kwami na? Cha, alikho iDwala; angilazi. Izithombe

Kumemezeleni, nikuveze; yebo, balulekane kanyekanye . Ngubani owakuzwisa lokhu endulo , wakumemezela kwasesikhathini samandulo n a? akusimina Jehova na ? Akakho uNkulunkulu ngaphandle kwami , uNkulunkulu olungileyo noMsindisi, akakho ngaphandle kwami.

Kusukela endulo abantu abezwanga , abacoshanga nangendlebe , futhi iso alibonanga uNkulunkulu ngaphandle kwakho osebenzela omhlalelayo.

Ngokuba walaphula ijoka lakho endulo , wazigqabula izibopho zakho , wathi: Angiyikukhonza. Ngokuba kuwo onke amagquma aphakemey o naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza walala njengesifebe.

ngiyakunakhisa kule ndawo ezweni engalinika oyihlo kusukela endulo kuze kube phakade.

Abaprofethi ababengaphambi kwami nangaphambi kwakho kusukela endulo baprofetha ngamazwe amaningi nan gemibuso eminingi , ngezimpi, nangokubi, nangesifo.

Kepha wena Betlehema Efra tha, omncane ukuba ube phakathi kwemindeni yakwaJuda, ngiyakuphunyelwa ngovela kuwe , ozakuba ngumbusi kwa - Israyeli, okuvela kwakhe kusukela endulo ezinsukwini zaphakade.

UNkulunkulu esekhulumile endulo kokhokho ngabaprofethi ngamathuba amaningi nangezindlela eziningi,

Ngokuba sebengenile ngokunyenya abantu abathile okwalotshwa ngabo phambili endulo ukuthi bayakwehlelwa y ilokhu kulahlwa , abangamesabi uNkulunkulu, bephendukezela umusa kaNkulunkulu wethu ube ngamanyala , bephika uMbusi oyedwa neNkosi yethu uJesu Kristu.