Khona wathi: Ngubani owakutshela ukuthi uhamba ze na ? Udlile kulowo muthi engakuyala ngawo ukuthi ungadli kuwo na?
Wayesethi ku -Adamu: Njengokuba ulalele izwi lomkakho , wadla kulowo muthi engakuyala ngawo ukuthi ungadli kuwo , ngalokho umhlabathi uqalekisiwe ngenxa yakho. Uyakudla kuwo ngokukhathazeka zonke izinsuku zokuhamba kwakho.
ugcine imiyalo kaJehova nezimiso zakhe engakuyala ngakho ngalolo suku ukuba kube kuhle kuwe, na?
Pho, awugcinanga ngani isi fungo sikaJehova nomyalo engakuyala ngakho na?
Kwathi ngasekugcineni kwezinsuku eziningi uJehova wathi kimi : Suka uye e-Ewufrathe, ulilande khona ibhande engakuyala ngalo ukuba ulifihle khona.