Skip to Content

"engalifungela"

9 occurrences in ZUL

UJehova wakhuluma kuMose, wathi: Hamba wenyuke lapha, wena nabantu obakhuphulile ezweni laseGibithe , uye ezweni engalifungela ku -Abrahama, naku-Isaka, nakuJakobe, ngathi: Ngiyakulinika inzalo yakho.

abayikubona ngempela izwe engalifungela oyise , futhi aliyikubonwa muntu walabo abangidelela;

Impela kulaba bantu abaphuma eGibithe , kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu , akayikubona noyedwa izwe engalifungela u -Abrahama, no-Isaka, noJakobe, ngokuba abangilandelanga ngokuphelelyo,

UJehova wayesethi kimi : Vuka uhambe phambi kwabantu ; bayakungena, balidle izwe engalifungela oyise ukubanika lona. Isiyalezo sokulalela imiyalo kaJehova

Ngokuba lapho sengibangenisile ezweni engalifungela o yise, elivame ubisi nezinyosi, badle, basuthe, bakhuluphale, bayakuphendukela kwabanye onkulunkulu, babakhonze, bangidelele, basaphule isivumelwano sami.

Kuyakuthi lapho sebehlelwe ngokubi nezinhlupheko eziningi , leli hubo lifakaze phambi kwabo njengofak azi, ngokuba aliyikukhohlakala emilonyeni yenzalo yabo , lokhu ngiyazi imicabango yabo abayicabangayo namanje , ngingakabangenisi ezweni engalifungela bona.

Wamyala uJoshuwa indodana kaNuni , wathi: Qina, ume isibindi, ngokuba wena uyakubangenisa abantwana bakwa -Israyeli ezweni engalifungela bona ; mina ngiyakuba nawe.

Qina, ume isibindi , ngokuba uyakwenza ukuba laba bantu badle izwe engalifungela oyise ukubanika lona.

Ingelosi kaJehova yakhuphuka eGiligali , yaya eBokimi . Yathi: Nganikhuphula eGibithe , nginilethile ezweni engalifungela oyihlo ; ngathi: Angisoze ngaphula kuze kube phakade isivumelwano sami nani,