Wathatha izinto zakho ezinhle , egolideni lami nasesiliveni lami engangikunike khona, wazenzela izithombe zabesilisa, wafeba nazo.
Nesinkwa sami engangikunike sona , impuphu ecolekileyo , namafutha, nezinyosi engangikudlise khona , wakubeka phambi kwazo , kwaba yiphunga elimnandi; kwaba njalo, isho iNkosi uJehova.