Uyakufaka emphongolweni ubufakazi engikunika bona.
Kepha wena ndodana yomuntu , yizwa engikukhulumayo kuwe , ungabi ngumhlubuki njengale ndlu ehlubukayo ; vula u mlomo wakho , udle engikunika khona.
Wathi kimi: Ndodana yomuntu, sidlise isisu sakho, ugcwalise izibilini zakho ngalo mqulu engikunika wona . Ngase ngiwudla , wawumnandi emlonyeni wami njengezinyosi.