UJesu waphendula , wathi kuye : Lokhu engikwenzayo awukwazi manje , kodwa uzakukuqonda emva kwalokhu.
Ngokuba engikwenzayo angikuqondi ; ngokuba engikwenzayo akusikho lokho engikuthandayo; kodwa lokho engikuzondayo, yikho engikwenzayo.
Kodwa kalokhu akuseyimi engikwenzayo, kodwa yisono esihlala kimi.
Kepha engikwenzayo ngizakukwenza futhi , ukuze ngibaphuce ithuba abafuna ithuba lokuba bafunyanwe benjengathi kulokho abazibonga ngakho.
Bazalwane, angisho ukuthi mina uqobo sengikubambile ; kepha kunye engikwenzayo: ngikhohlwa okungasemuva, ngizelulela kokungaphambili,