Mina-ke, lokhu kuyisivumelwano sami nabo, usho uJehova, sokuthi umoya wami ophezu kwakho namazwi ami engiwabeke emlonyeni wakho akuyikusuka emlonyeni wakho , nasemlonyeni wenzalo yakho , nasemlonyeni wenzalo yenzalo yakho, usho uJehova, kusukela manje kuze kube phakade.