Makuthi intombazana engizakusho kuyo ukuthi : Mawubeke phansi imbiza yakho, ngiphuze, ithi: Phuza, ngizakuphuzisa namakamela akho , ibe yileyo- ke oyimisele inceku yakho u -Isaka; ngalokho ngizakwazi ukuthi wenzele inkosi yami umusa.
UJehova wathi kuGideyoni : Abantu base baningi ; behlisele ngasemanzini , ngikulingele bona khona; kuyakuthi lowo engizakusho ngaye kuwe ukuthi: Lo uzakuhamba nawe , yena aha mbe nawe ; nalowo engizakusho ngaye kuwe ukuthi: Lo akayikuhamba nawe, yena akayikuhamba.