Uma nihlala kimi , namazwi ami ehlala kini , niyakucela enikuthandayo , nikwenzelwe.
Ngokuba inyama ikhanuka okuphambene noMoya, kepha uMoya ukhanuka okuphambene nenyama ; ngokuba lezi zinto ziyamelana , ukuze ningenzi lokho enikuthandayo.
Ngenxa yalokho siyanikhulekela njalo , ukuze uNkulunkulu wethu anenze nibe ngabafanele ukubizwa kwenu , agcwalise ngamandla konke okuhle enikuthandayo nomsebenzi wokukholwa,