Lokhu enginitshela khona ebumnyameni , kukhulumeni ekukhanyeni ; nalokhu enikuzwayo endlebeni, kushumayeleni phezu kwezindlu.
UJesu waphendula , wathi kubo : Hambani nimlandise uJohane lokhu enikuzwayo nenikubonayo ukuthi:
Ngokuba ngiqinisile ngithi kini : Baningi abaprofethi na balungileyo ababefisa ukubona enikubonayo , abakubonanga, nokuzwa enikuzwayo , abakuzwanga.
Wayesethi kubo : Qaphelani enikuzwayo ; ngaleso silinganiso enilinganisa ngaso nani niyakulinganiselwa ngaso, nenezelwe nina.
Ngokuba ngithi kini: Baningi abaprofethi namakhosi ababethanda ukubona enikubonayo, abakubonanga, nokuzwa enikuzwayo, abakuzwanga. Umfanekiso womSamariya onesihawu (Math. 22:34; Mark. 12:28)