Ngalokho yisho kuyo indlu yakwa -Israyeli, uthi: Isho kanje iNkosi , uJehova, ithi: Angikwenzi lokho ngenxa yenu nina ndlu yakwa-Israyeli, kepha ngenxa yegama lami elingcwele enilihlambalazile phakathi kwezizwe , lapho naya khona.
Ngiyakulingcwelisa igama lami elikhulu elihlanjalaziwe phakathi kwezizwe, enilihlambalazile phakathi kwazo , izizwe zazi ukuthi nginguJehova , isho iNkosi uJehova, lapho ngiyakungcweliseka ngani emehlweni abo.