UJoshuwa wathi kuzo : Ningesabi, ningabi naluvalo; qinani, nime isibindi, ngokuba uJehova uyakwenza kanjalo kuzo zonke izitha zenu enilwa nazo.
Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka -Israyeli, uthi: Bheka, ngiyakubuyisa izikhali zokulwa ezisezandleni zenu , enilwa ngazo nenkosi yaseBabele namaKaledi anivimbezelayo ngaphandle kogange , ngizibuthe phakathi nalo muzi.