Naye uSeti wazala indodana , wayiqamba igama layo ngokuthi u -Enoshe. Ngaleso sikhathi abantu baqala ukukhuleka egameni likaJehova.
USeti wahamba iminyaka eyikhulu nanhlanu, wazala u-Enoshe.
Emva kokuzalwa kuka -Enoshe uSeti wahamba iminyaka engamakhulu ayisishiyagalombili nesikhombisa, wazala amadodana namadodakazi.
U-Enoshe wahamba iminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye , wazala uKhenani.
Emva kokuzalwa kukaKhenani u -Enoshe wahamba iminyaka engamakhulu ayisishiyagalombili neshumi nanhlanu, wazala amadodana namadodakazi.
Zonke izinsuku zika -Enoshe zaziyim inyaka engamakhulu ayisishiyagalolunye nanhlanu; wayesefa.
O-Adamu, noSeti, no-Enoshe,