Kuyakuthi ngasekupheleni kweminyaka engamashumi ayisikhombisa uJehova ahambele iTire , lona libuyele enzuzweni yalo , lifebe nayo yonke imibuso yezwe ebusweni bomhlaba.
Yebo, bayizinja ezihahayo , abakwazi ukusutha ; yebo, laba bangabelu si abangenakuqonda, baphendukela bonke ezindleleni zabo , kube yilowo nalowo enzuzweni yakhe, bonke kanyekanye.