uDavide wasuka waya , yena nabantu bakhe , wabulala kuwo amaFilisti abantu abangamakhulu amabili ; uDavide waletha amajwabu abo , bawayisa enkosini ephelele ukuba abe ngumkhwenyana wenkosi . USawule wayesemnika uMikhali indodakazi yakhe abe ngumkakhe.
Ngakho-ke manibe ngabapheleleyo , njengokuba uYihlo wasezulwini ephelele.
okunguye esimshumayelayo , siluleka wonke umuntu , sifundisa wonke umuntu ngokuhlakanipha konke , ukuze simise wonke umuntu ephelele kuKristu,