UJesu walihamba lonke elaseGalile efundisa emasinagogeni abo , eshumayela ivangeli lombuso , ephulukisa abantu ezifweni zonke nasebuthakathakeni bonke.
UJesu wayihamba imizi yonke nemizana efundisa emasinagogeni abo , eshumayela ivangeli lombuso, ephulukisa izifo zonke nokugula konke.
lokuthi: UNkulunkulu wamgcoba uJesu waseNazaretha ngoMoya oNgcwele nangamandla, owahamba enza umusa , ephulukisa bonke ababesemandleni kaSathane, ngokuba uNkulunkulu wayenaye.