Skip to Content

"esandla"

7 occurrences in ZUL

Kusemandleni esandla sami ukwenza okubi kuwe , kepha uNkulunkulu kayihlo ukhulumile kimi ebusuku obudlule , wathi: Qaphela ukuba ungakhulumi kuJakobe okubi noma okuhle.

Amadodana akho namadodakazi akho ayakunikwa ezinye izizwe , amehlo akho abheke , aphele ngokuwalangazelela lonke usuku , kungabikho lutho emandleni esandla sakho.

Uyaguquka ukuze ungiphathe ngonya ; ngamandla esandla sakho uyangizingela.

Kalokhu ngiyazi ukuthi uJehova uyamsindisa ogcotshiweyo wakhe : esezulwini lakhe elingcwele uyamphendul a ngamandla okusindisa esandla sakhe sokunene.

Ungagodleli abaninikho okuhle , lapho kusemandleni esandla sakho ukukwenza.

Ngokuba uthi : Ngamandla esandla sami ngikwenzile , nangokuhlakanipha kwami, ngokuba nginokuqonda; ngisusile imikhawulo yezizwe , ngiphangile ingcebo yazo, njengesiqhwaga ngawisa phansi abakhileyo khona.

Kepha waz azi izizindlo zabo wathi kuyo indoda esandla sishwabene : Sukuma, ume phakathi. Wasukuma-ke, wema.