Noma ethinta ukungcola komuntu , nakuba yikuphi ukungcola kwakhe angcole ngakho, kumsithele, lapho esekwazi woba necala.
Noma umuntu efunga ngamawala ngomlomo wakhe ukwenza okubi nokuba ukwenza okuhle , noma yikuphi umuntu angaphahluka ngakho ngesifungo , kumsithele, lapho esekwazi woba necala kokunye kwalokho.
UMoridekayi esekwazi konke okwenziweyo , uMoridekayi waziklebhu la izingubo zakhe , wembatha indwangu yamasaka nomlotha , waphumela phakathi komuzi, wakhala ngokukhala okukhulu okumunyu;
UDaniyeli esekwazi ukuthi umbhalo ulotshiwe, wangena endlini yakhe amafasitele ekamelo lakhe ayevulekile ebhekisa eJerusalema waguqa ngamadolo kathathu ngosuku , wakhuleka, wabonga uNkulunku lu wakhe , njengalokho enzile kuqala.