"esezwile"
32 occurrences in ZUL
Nxa u -Abrama esezwile ukuthi umzalwane wakhe uLoti uthunjiwe , wabutha izinceku z akhe ezifundisiweyo ebezizelwe endlini yakhe , ezingamakhulu amathathu neshumi nesishiyagalombili , wabaxosha kwaze kwaba kwaDani.
Amadodana kaJakobe abuya endle esezwile lokho ; abantu badabuka , bathukuthela kakhulu , ngokuba ubenze ubuwula kwa-Israyeli ngokulala nendodakazi kaJakobe, okungenakwenziwa.
Kwathi lapho u -Adoni Sedeki inkosi yaseJerusalema esezwile ukuthi uJoshuwa uthathile i -Ayi, waliqeda nya njengalokho ebenzile kulo iJeriko nenkosi yalo , wayenze njalo kulo i -Ayi nenkosi yalo no kuthi abakhileyo eGibeyoni benzile ukuthula no-Israyeli, baba phakathi kwabo,
Umalokazana wakhe , umkaFinehasi, wayekhulelwe esezakubeletha ; esezwile umbiko wokuthi umphongolo kaNkulunkulu uthathiwe nokuthi kufile uyisezala nomyeni wakhe , wakhonkobala, wabeletha, ngokuba wafikelwa yimihelo.
AmaFilisti esezwile ukuthi abantwana bakwa -Israyeli babuthene eMispa , amakhosi amaFilisti akhuphuka ukulwa no -Israyeli. Abantwana bakwa - Israyeli bekuzwile lokho bawesaba amaFilisti.
UMoya kaNkulunkulu wehlela phezu kukaSawule esezwile lawo mazwi ; intukuthelo yakhe yavutha kakhulu.
UDavide esezwile ukuthi uNabali ufile, wathi: Makabusiswe uJehova omele indaba yehlazo lami esandleni sikaNabali , ovimbele inceku ya khe ebubini , wabuyisela ububi bukaNabali ekhanda lakhe . UDavide wathumela wakhuluma ku-Abigayili ukuba amthathe abe ngumkakhe.
Lapho amaFilisti esezwile ukuthi bamgcobile uDavide ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli, onke amaFilisti enyuka ukumfuna uDavide ; uDavide wakuzwa, wehlela enqabeni.
UHadadi esezwile eGibithe ukuthi uDavide ulele koyise nokuthi uJowabe induna yempi ufile, uHadadi wathi kuFaro: Ngivumele ukuba ngihambe ngiye ezweni lakithi.
Kwathi wonke u -Israyeli esezwile ukuthi uJerobowamu ubuyile , bathuma bambizela emhlanganweni , bambeka inkosi phezu kuka -Israyeli wonke ; akubangakho muntu olandela indlu kaDavide, isizwe sakwaJuda kuphela.
Esezwile lokho umprofethi obembuyisile endlelni wathi: Ngumuntu kaNkulunkulu lowo owayengalaleli izwi likaJehova ; ngalokho uJehova umnikele kuyo ingonyama , yamdwengula; yambulala njengezwi likaJehova alikhuluma kuye.
Esezwile lokho wasuka , wahamba ukuba asinde , waya eBeri Sheba elingelakwaJuda, washiya khona inceku yakhe.
U-Eliya esezwile lokho wagubuzela ubuso bakhe ngengubo yakhe , waphuma, wema emnyango womhume . Bheka, kwafika kuye izwi , lathi: Wenzani lapha, Eliya, na?
Kwathi u-Izebeli esezwile ukuthi uNaboti ukhandiwe ngamatshe, wafa, u- Izebeli wathi ku -Ahabi: Suka udle isivini sikaNaboti waseJizreyeli , enqaba ukukunika sona ngesiliva, ngokuba uNaboti kasekho, ufile.
Kwathi u -Ahabi esezwile ukuthi uNaboti ufile , u-Ahabi wasuka ukuba ehlele esivinini sikaNaboti waseJizreyeli ukusidla. U-Ahabi usolwa ngu-Eliya
Kwathi u -Ahabi esezwile lawo mazwi , waklebhula izingubo zakhe , wembatha indwangu yamasak a emzimbeni wakhe , wazila ukudla , walala endwangwini yamasaka, wahambahamba kancane.
Kwathi u-Elisha umuntu kaNkulunkulu esezwile ukuthi inkosi yakwa-Israyeli iklebhulile izingubo zayo, wathumela enkosini, wathi: Uklebhuleleni izingubo zakho na? Makeze kimi, aze azi ukuthi kukhona umprofethi kwa-Israyeli.
AmaFilisti esezwile ukuthi uDavide ugcotshiwe ukuba abe yinkosi kwa - Israyeli wonke , onke amaFilisti enyuka ukumfuna uDavide ; uDavide wakuzwa, waphuma ukuwahlasela.
Kepha kwathi lapho uSanibalati esezwile ukuthi sabe siluv usa ugange , wathukuthela, wavutha ulaka, waklolodela abaJuda.
U-Ebedi Meleki umKushe , umthenwa, owayesendlini yenkosi , esezwile ukuthi bamfake uJeremiya emgodini , inkosi ihlezi esangweni lakwaBenjamini,
Kwathi masinyane owesifazane ondodakazi yakhe encane i nomoya ongcolileyo esezwile ngaye, weza waziphonsa phansi ngasezinyaweni zakhe.