Ngokuba amafitshizi awabhulwa ngesibhulo esibukhali , nesondo lengqukumbane kaliphendulwa phezu kwekumini , kepha amafitshizi ayavuthuzwa ngenduku nekumini ngothi.
Bheka, ngiyakukwenza ukuba ube yisibhul o esisha esibukhali esinamazinyo; uyakubhula izintaba , uzicolisise, wenze amagquma abe njengamakhoba.