"esikhumbeni"
23 occurrences in ZUL
Nxa kumila esikhumbeni senyama yomuntu idunguza noma utwayi noma ibala elikhanyayo , kuvele esikhumbeni senyama yakhe isifo sochoko , makalethwe ku-Aroni umpristi, noma kwenye yamadodana akhe, abapristi,
Uma ibala elikhanyayo limhlophe esikhumbeni senyama yakhe , lingabonakali lishonile kunesikhumba , noboya balo bungaphendukile baba mhlophe, khona umpristi uyakumvalela onesifo izinsuku eziyisikhombisa,
umpristi ambheke ngosuku lwesikhombisa ; uma isifo ngokubona kwakhe sisemi, ibala lingandanga esikhumbeni, bheka, khona umpristi uyakumvalela ezinye izinsuku eziyisikhombisa,
umpristi abuye ambheke ngosuku lwe sikhombisa; uma ibala lifiphele , isifo singandanga esikhumbeni , bheka, khona umpristi uyakusho athi uhlambulukile; kulutwayi; uyakuhlanza izingubo zakhe, ahlambuluke.
Kepha uma utwayi lwanda esikhumbeni esezibonakalisile kumpristi ngokuhlambuluka kwakhe, abuye eziveze kumpristi,
umpristi abheke; uma utwayi lwandile esikhumbeni , bheka, khona umpristi uyakusho athi ungcolile; kuluchoko.
bheka, kuluchoko oludala esikhumbeni senyama yakhe ; khona umpristi uyakusho athi ungcolile, angamvaleli, ngokuba ungcolile.
Uma uchoko luqhamuka esikhumbeni, ukuze uchoko lusibekele isikhumba sonke sonesifo , kusukela ekhanda kuze kufike ezinyaweni njengokubona kompristi,
Nxa inyama inesibazi esikhumbeni sayo , inyama ebomvu yesibazi iphenduke ibala elikhanyayo, limhlophe libomvana noma limhlophe nje,
umpristi ambheke ngosuku lwesikhombisa ; uma landile nokwanda esikhumbeni, umpristi uyakusho athi ungcolile; kuyisifo sochoko.
Uma ibala elikhanyayo limi endaweni yalo , lingandi esikhumbeni, kodwa lifiphele, kuyidunguza lesibazi ; umpristi makasho athi uhlambulukile , ngokuba kuyisibanda sesibazi.
ngosuku lwesikhombisa umpristi abheke umuna ; uma umuna ungandile esikhumbeni, futhi ubonakala ungashonile kunesikhumba , bheka, umpristi makasho athi uhlambulukile; makahlanze izingubo zakhe, ahlambuluke.
umpristi wombheka; uma umuna wandile nokwanda esikhumbeni , bheka, umpristi makangafuni izinwele ezimpofu; ungcolile.
Nanxa owesilisa noma owesifazane enamabala akhanyayo esikhumbeni senyama yabo, amabala amhlophe akhanyayo,
Khona umpristi uyakumbheka ; uma idunguza lesifo limhlophe libomvana empandleni esekhanda lakhe noma empandleni esebunzini lakhe , njengokubonakala kochoko esikhumbeni senyama,
uma ibala liluhlazana noma libomvana engutsheni noma esikhumbeni noma ezintanjeni eziqondileyo noma kwezinqamulayo n oma entweni yesikhumba , kuyisifo sochoko, siyakuboniswa umpristi.
abheke isifo ngosuku lwesikhombisa ; uma isifo sandile engutsheni noma ezintanjeni eziqondileyo noma kwezinq amulayo noma esikhumbeni , nakuba isikhumba sisetshenziswa kumuphi umsebenzi, bheka, isifo siluchoko olubi.