Uyakuphakamisela isizwe esikude ibhandela , asihlabele ikhwelo ekugcineni komhlaba; bheka, uyeza masinyane ngejubane.
Ngiyakuthengisa ngamadodana enu nangamadodakazi enu esandleni sabantwana bakwaJuda, bona bathengise ngabo kumaSheba , isizwe esikude, ngokuba uJehova ukhulumile.