"esinye"
43 occurrences in ZUL
UJehova wathi kuye : Esiswini sakho kukhona izizwe ezimbili ; izinhlobo ezimbili zabantu ziyakwahlukana ezibilinini zakho ; esinye isizwe siyakwahlula esinye, omkhulu akhonze omncane.
Izilenge eziyisihlanu ziyakuhlanganiswa esinye nesinye , nezinye izilenge eziyisihlanu zihlanganiswe esinye nesinye.
Wenze izinkibaniso ezingamashumi ayisihlanu zegolide, uhlanganise izilenge esinye nesinye ngezinkibaniso, itabernakele libe linye.
Wenze izihibe ezingamashumi ayisihlanu eceleni lesilenge esinye esokugcina sasekuhlanganeni , nezihibe ezingamashumi ayisihlanu eceleni lesilenge sokugcina ekuhlanganeni kwesibili.
Wahlanganisa izilenge eziyisihlanu esinye nesinye ; wazihlanganisa nezinye izilenge eziyisihlanu esinye nesinye.
Wazenza izinkibaniso ezingamashumi ayisihlanu zegolide , wazihlanganisa izilenge esinye nesinye ngezinkibaniso, kwaba yitabernakele linye.
Konke esiwela phezu kwakho esinye sazo sezifile kuyakuba ngokungcolile , noma kuyinto yomuthi noma yingubo noma yisikhumba noma yisaka noma yintoni okusetshenzwa ngayo ; makufakwe emanzini , kube ngokungcolile kuze kuhlwe; khona kuyakuhlanzeka.
Nezitsha zonke esiwela kuzo esinye sazo , noma yintoni ephakathi kwazo iyakuba ngengcolile, nize nizaphule.
Naso sonke leso sizukulwane sabuthelwa koyise ; savela esinye isizukulwane emva kwaso esasingamazi uJeh ova nomsebenzi ayewenzele u - Israyeli.
UGali wabuye wakhuluma, wathi: Bheka, kwehla abantu eNkabeni yezwe , esinye isigaba sifika ngendlela ye-oki lokuhlola imihlola.
Ubude bompheme babuyizingalo ezingamashumi amabili , nobubanzi buyizingalo eziyishumi nanye ngasezinyathelweni okwakukhushukelwa ngazo kulo; kwakukhona nezibonda ngasezinsikeni, esinye ngalapha nesinye ngalapha.
Bathi: Jehova Nkulunkulu ka -Israyeli, lokhu kwenzelweni kwa-Israyeli ukuba kusilale namuhla esinye isizwe sakwa-Israyeli na?
Abantwana bakwa -Israyeli bamhawukela uBenjamini umfowabo , bathi: Kunqunyiwe namuhla esinye isizwe kwa-Israyeli.
Abaphangi baphuma ekamu lamaFilisti ngezigaba ezintathu ; esinye isigaba sahamba ngendlela eya e-Ofira ezweni laseShuhali;
esinye isigaba sahamba ngendlela eya eBeti Horoni; esinye isigaba sahamba ngendlela eya emkhawulweni obheka esigodini saseSeboyimi ngasehlane.
Wathi kuye : Ngokuba ngakhuluma kuNaboti waseJizreyeli , ngathi kuye : Ngiphe isivini sakho ngesiliva ; kepha uma uthanda, ngiyakukunika esinye isivini esikhundleni saso; kodwa wathi: Angiyikukunika isivini sami.
Ngase ngikhuphulela ogangeni izikhulu zakwaJuda , ngabeka izigaba ezimbili ez inkulu ezabongayo , zahlaba ihele ; esinye sahamba ngakwesokunene ogangeni, saya ngaseSangweni Lomquba;
Esinye isigaba saya ngakwes okhohlo, mina ngasilandela kanye nenxenye yabantu ogangeni , ngasenhla koMbhoshongo Wezithando , kwaze kwaba soGangeni Olubanzi,
Kepha isitsha asenza ngebumba sonakala esandleni sombumbi ; wabuye wenza esinye isitsha njengokuhle emehlweni ombumbi ukuba asenze.
Bheka, esinye isilo, esesibili, sinjengebhere, samiswa ngolunye uhlangothi , izimbambo ezintathu zisemlonyeni waso phakathi kwamazinyo aso ; kwathiwa kuso: Vuka, udle inyama eningi.
Emva kwalokho ngabona; bheka, esinye, sinjengengwe, sinamaphiko amane enyoni emhlane; isilo sasinamakhanda amane, sanikwa ukubusa.
Inkosi yaseningizimu iyakuba namandla , kanjalo esinye sezikhulu zayo , yebo, sibe namandla kunayo , sibuse, nokubusa kwaso kuyakuba ngukubusa okukhulu.
Futhi ngagodla kini imvula , kusasele izinyanga ezintathu ukuba kuvunwe , ngalinisa phezu komunye umuzi , komunye umuzi angilinisanga ; esinye isiqephu saniselwa, nesiqephu esinganiselwanga sasha.
Waphenduka esinye isimo phambi kwabo ; ubuso bakhe bakhanya njengelanga, izingubo zakhe zaba mhlophe njengokukhanya.
Emva kwezinsuku eziyisithupha uJesu wathatha oPetru , noJakobe, noJohane, wakhuphukela nabo entabeni ende bebodwa ; waphenduka esinye isimo phambi kwabo.
Sebefikile endaweni ethiwa iKhanda bambethela kh ona nazo izelelesi , esinye ngakwesokunene nesinye ngakwesokhohlo.
Njalo esinye sezelelesi ebeziphanyekiwe samhlambalaza sathi : Wena awusiye uKristu na? Zisindise kanye nathi.
Sase siphendula esinye , sasithethisa sathi: Nawe awumesabi uNkulunkulu , ingani ukulokhu kulahlwa nawe na?
Esasho lokho , esinye isikhonzi esasimi khona sammukula uJesu , sathi: Uphendula umpristi omkhulu kanjalo na?
Nokuba akanamandla yini umbumbi ebumbeni ukwenza ngesigaxa sisinye isitsha esinye esihloniphekayo nesinye esingahloniphekiyo na? Nabezizwe bayakukhethwa ngomusa kaNkulunkulu
Lokhu kungukufanekisa ; ngokuba laba bayizivumelwano ezimbili , esinye ngesasentabeni yaseSinayi, esizalela ubugqila, esinguHagari.
Kepha phezu kwakho konke, bazalwane bami, ningafungi; ningafungi izulu noma umhlaba noma esinye isifungo ; kodwa uyebo wenu makabe nguyebo , noqhabo uqhabo, ukuze ningaweli ekwahlulelweni. Ukukhuleka
Ngase ngibona lapho iWundlu livula ol unye lwezimpawu eziyisikhombisa, ngezwa esinye sezidalwa ezine sisho njengezwi lokuduma, sithi: Woza!
Kwabonakala esinye isibonakaliso ezulwini; bheka, nango udrako omkhulu obomvu, enamakhanda ayisikhombisa nezimpondo eziyishumi , nasemakhanda akhe enemiqhele eyisikhombisa;
Ngase ngibona esinye isilo siphuma emhlabeni , sinezimpondo ezimbili ezifana nezewundlu, kepha sikhuluma njengodrako.