Skip to Content

"esiyoni"

51 occurrences in ZUL

Ngiyakusondeza ukulunga kwami , akukude, insindiso yami ayiyikulibala ; ngibeka insindiso eSiyoni nodumo lwami kwa-Israyeli.

Abantu abaningi bayakuhamba , bathi: Wozani sikhuphukele entabeni kaJehova endlini kaNkulunkulu kaJakobe ; uyakusifundisa izindlela zakhe , sihambe emikhondweni yakhe, ngokuba umthetho uyakuvela eSiyoni , nezwi likaJehova eJerusalema.

Kuyakuthi yena oshiyiwe eSiyoni naye osele eJerusalema , bathiwe bangcwele, bonke abalotshelwe ukuphila eJerusalema,

Basuka e-Abrona, bamisa e-Esiyoni Geberi.

Basuka e-Esiyoni Geberi, bamisa ehlane laseSini eliyiKadeshi.

Sase sidlula sisuka kubafowethu, abantwana bakwa-Esawu abahlala eSeyiri, sashiya indlela yase -Araba, ne-Elati, ne-Esiyoni Geberi. Saphenduka sadlula ngendlela yasehlane lakwaMowabi.

UJehova ufezile ukufutheka kwakhe, uthululile ukufutheka kwentukuthelo yakhe; uphembile umlilo eSiyoni oqedile izisekelo zalo.

Inkosi uSolomoni yenza imikhumbi e -Esiyoni Geberi elingasecel eni kwe - Eloti ogwini loLwandle Olubomvu ezweni lakwa-Edomi.

UJehoshafati walungisa imikhumbi yaseTharishishi ukuba iye e -Ofiri ukulanda igolide , kepha ayihambanga , ngokuba imikhumbi yaphuka e - Esiyoni Geberi.

Khona uSolomoni waya e -Esiyoni Geberi , nase-Elito, ogwini lolwandle ezweni lakwa-Edomi.

wazihlanangisa naye ukwenza imikhumbi yokuya eTharishishi ; bayenza imikhumbi e-Esiyoni Geberi.

Bethani icilongo eSiyoni , nihlabe umkhosi entabeni yami engcwele; mabathuthumele bonke abakhe ezweni , ngokuba luyeza usuku lukaJehova , ngokuba lusondele;

Nokho ngibekile iNkosi yami eSiyoni, intaba yami engcwele.

Hubani nimdumise uJehova ohlezi eSiyoni ; memezelani ezizweni izenzo zakhe ezinkulu.

Sengathi ukusindiswa kuka -Israyeli kungavela eSiyoni . Mhla uJehova ebuyisa ukuthunjwa kwabant u bakh e uJakobe uyakwethaba , u-Israyeli ajabule.

ESiyoni eliphelele ebuhleni uNkulunkulu uqhamile ekukhanyeni.

Sengathi kungavela u kusindiswa kuka -Israyeli eSiyoni. Kuyakuthi lapho uNkulunkulu eguqula ukuthunjwa kwabantu bakhe , uJakobe ethabe , u- Israyeli ajabule.

Udumiso luhlalela wena Nkulunkulu eSiyoni, nesithembiso siyakugcwaliswa kuwe.

Baqhubeka emandleni, baze babonakale phambi kukaNkulunkulu eSiyoni.

UJehova mkhulu eSiyoni, uphakeme phezu kwezizwe zonke.

ukuze kumenyezelwe eSiyoni igama likaJehova nodumo lwakhe eJerusalema,

UJehova makabongwe eSiyoni, yena owakhe eJerusalema. Haleluya!

Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova Sebawoti, ithi: We bantu bami, enakhe eSiyoni, ningalesabi i-Asiriya, lapho likushaya ngentonga yalo, liphakamisele kuwe udondolo lwalo ngendlela yaseGibithe.

Memeza, ujabule wena ohlezi eSiyoni , ngokuba mkhulu oNgcwele ka - Israyeli phakathi kwakho.

Izithunywa zesizwe ziyakuphendulwa ngokuthini na ? Ukuthi nguJehova obeke isisekelo eSiyoni; abahluphekayo babantu bakhe bayakuphephela kulo.

Ngalokho ithi iNkosi uJehova : Bheka, ngibeka eSiyoni itshe lesisekelo , itshe elivivinyekileyo , itshe legumbi elinqabileyo lesisekelo esiyiso ; okholwayo kayikubaleka.

Ngokuba wena sizwe esakhe eSiyoni eJerusalema ungabe usakhala nokukhala; uyakuba nomusa impela kuwe ngezwi lokudazuluka kwakho ; lapho elizwa, uyakuphendula.

Abahlengiweyo bakaJehova bayakubuy a baye eSiyoni ngokwethaba , intokozo engunaphakade ibe phezu kwamakhanda abo ; bayakuthola ukujabula nokuthokoza, kubaleke usizi nokububula.

Abahlawulelweyo bakaJehova bayakubuya , bafike eSiyoni bejabula ; intokozo engapheliyo iyakuba semakhanda abo , bathole injabulo nentokozo, usizi nokububula kubaleke.

Izwi labalindi bakho, bayaliphakamisa izwi, bajabule kanyekanye, ngokuba bayakubona iso neso, lapho uJehova ebuyela eSiyoni.

Kepha uyakufika eSiyoni engumhlengi , nakulabo abakwaJakobe a babuya eziphambekweni, usho uJehova.

Buyani, bantwana abahlehlayo , usho uJehova , ngokuba ngingumyeni wenu, nginithabathe, abe munye emzini , babe babili emndenini , nginiyise eSiyoni,

Bheka, izwi lokukhala kwendodakazi yabantu bam i livela ezweni elikude , lithi: Akakho uJehova eSiyoni na ? Ayikho inkosi yalo kulo na ? Bangicunuleleni ngezithombe zabo ezibaziweyo nangokuyize kwabezizwe na?

Ngokuba izwi lokukhala lizwakal a livela eSiyoni, lithi: Yeka ukuphangwa kwethu! Sijabhile kakhulu , ngokuba silishiyile izwe , ngokuba badilizile izindlu zethu.

Ngokuba kuyakuba khona usuk u abayakumemeza ngalo abalind i entabeni yakwa-Efrayimi ukuthi: Sukani, sikhuphukele eSiyoni kuJehova uNkulunkulu wethu.

Yizwi lababalekayo nabaphunyuka ezweni laseBabel e ukuba bamemeze eSiyoni impindiselo kaJehova uNkulunkulu wethu , impindiselo ngethempeli lakhe!

UJehova uvezile imfanelo yethu ; wozani silande eSiyoni umsebenz i kaJehova uNkulunkulu wethu.

Ngiyakuphindisela iBabele nabo bonke abakhileyo eKalideya konke okubi kwabo abakwenzile eSiyoni emehlweni enu, usho uJehova.

Ubudlova engenzelwe bona mina nabayinyama yam i mabube phezu kweBabele, makasho njalo owakhileyo eSiyoni . Igazi lami malibe phezu kwabakhileyo eKalideya; malisho njalo iJerusalema.

Yachitha idokodo layo njengelensimu , yaqeda indawo yayo yo kuhlangana. UJehova wenza ukuba kukhohlakal e imikhosi emisiweyo namasabatha eSiyoni, wadelela ngokufutheka kolaka lwakhe inkosi nompristi.

Balala nabesifazane eSiyoni, izintombi zasemizini yakwaJuda.

Hheyi, zikhulule, uye eSiyoni, wena ohlezi nendodakazi yaseBabele!

Bethani icilongo eSiyoni, ningcwelise ukuzila ukudla, nibize umhlangano;

Bese nikwazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wen u engihlala eSiyoni, intaba yami engcwele ; iJerusalema liyakuba ngcwele , abafokazi abasayikulidabula.

Ngiyakuphindisela igazi labo engingakaliphindiseli , ngokuba uJehova wakhile eSiyoni.

Wo kwabazinzileyo eSiyoni , nabalondekile entabeni yaseSamariya , abaqhamileyo besokuqala sezizwe, efika kubo indlu yakwa-Israyeli!

Izizwe eziningi ziyakuhamba , zithi: Wozani sikhuphukele entabeni kaJehova nasendlini kaNkulunkulu kaJakobe; uyakusifundisa izindlela zakhe, sihambe emikhondweni yakhe, ngokuba umthetho uyakuvela eSiyoni , nezwi likaJehova eJerusalema.

Yayisithi kimi ingelosi eyayikhuluma nami : Memeza uthi : Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: Ngihawukela iJerusalema n eSiyoni ngokuhawukela okukhulu.

Usho kanje uJehova , uthi: Ngiyakubuyela eSiyoni , ngihlale phakathi kweJerusalema; iJerusalema liyakuthiwa uMuzi Weqiniso nentaba kaJehova Sebawoti iNtaba Engcwele.

njengalokho kulotshiwe ukuthi : Bheka, ngibeka eSiyoni itshe lokukhubekisa, nedwala lokuwisa, nokholwa yilo akayikujabha.

kanjalo u -Israyeli wonke uyakusindiswa , njengalokho kulots hiwe ukuthi : Kuyakuvela eSiyoni uMhlangulisi, asuse ukungalungi kuJakobe.