Aniyikuhamba ngamasiko esizwe engisixosha phambi kwenu , ngokuba benza zonke lezo zinto; ngalokho nganengwa yibo.
Kuthe engena ethempelini, kweza kuye abapristi abakhulu namalunga esizwe, esafundisa, bathi: Ukwenza lokhu ngagunya lini na ? Futhi ngubani okunike leli gunya na?
Khona kwabuthana abapristi abakhulu namalunga esizwe egcekeni lompristi omkhulu othiwa uKayafase.
Esakhuluma, bheka, kwafika uJuda , omunye wabayishumi nambili , enesixuku esikhulu sinezinkemba nezind uku, sivela kubapristi abakhulu namalunga esizwe.
Kwathi sekusile, bonke abapristi abakhulu namalunga esizwe benza icebo ngoJesu lokuba bambulale;