Ilanga laphumela emhlabeni, uLoti esangena eSowari.
ULoti wakhuphuka eSowari , waya wahlala entabeni kanye namadodakazi akhe omabili , ngokuba wesaba ukuhlala eSowari ; wahlala emhumeni namadodakazi akhe amabili.
Kusukela eHeshiboni elikhalay o liyezwakalisa ukukhala kwal o kuze kube se-Elehale naseJahasi, kusukela eSowari kuze kube seHoronayimi nase-Egilati Shelishiya, ngokuba namanzi aseNimrimi ayakuba yincithakalo.