"etafuleni"
22 occurrences in ZUL
Wowabeka izinqwaba ezimbili , ayisithupha abe senqwabeni inye etafuleni elicwengekileyo phambi kukaJehova.
Etafuleni lezinkwa zokubukwa bayakwendlala indwangu eluhlaza , babeke kuyo izingqwembe, nezinkezo, nezinkamba, nezindebe zokuthela; nesinkwa esinganqamukiyo siyakuba phezu kwalo.
wathi: Ake ungivumele ukuba ngihambe , ngokuba umndeni wakithi unomhlatshelo emzini ; umfowethu ungiyalile ; manje-ke, uma ngifumene umusa emehlweni akho , mangihambe ngibone abafowethu . Ngalokho akafikanga etafuleni lenkosi.
UJonathani wasuka etafuleni evutha ulaka , akadlanga kudla ngosuku lwesibili lwenyanga , ngokuba wayenosizi ngenxa kaDavide, lokhu uyise emhlazisile.
UDavide wayesethi kuye : Ungesabi, ngokuba impela ngiyakukwenzela umusa ngenxa kaJonathani uyihlo , ngikubuyisele lonke izwe likayihlo uSawule, udle njalo etafuleni lami.
Uyakumlimela umhlabathi , wena namadodana akho nezinceku zakho , uvune ukuba indodana yenkosi yakho ibe nokudla , kepha uMef ibosheti indodana yenkosi yakho uyakudla njalo etafuleni lami . USiba wayenamadodana ayishumi nanhlanu nezinceku ezingamashumi amabili.
USiba wathi enkosini : Njengakho konke inkosi yami , inkosi, eyale ngakho inceku yayo, iyakwenze njalo inceku yakho. UMefibosheti uyakudla etafuleni lenkosi njengenye yamadodana enkosi.
UMefibosheti wayesehlala eJerusalema , ngokuba wadla njalo etafuleni lenkosi; wayelunyonga ngezinyawo zakhe zombili.
Ngokuba yonke indlu kababa yayinjengabantu abafileyo phambi kwenkosi yami, inkosi; kepha wayibeka inceku yakho phakathi kwabadla etafuleni lakho. Ngisenalungelo lini ukuba ngibuye ngikhale enkosini na?
Izinduna lezo zafunela ukudla inkosi uSolomoni nabo bonke abasondela etafuleni lenkosi uSolomoni , kwaba yileyo naleyo ngenyanga yayo ; kwakungasweleki lutho.
Ngalokho thumela ubuth e kimi u -Israyeli wonke entabeni yaseKarmeli , nabaprofethi bakaBali abangamakhulu amane namashumi ayisihlanu , nabaprofethi baka -Ashera abangamakhulu amane abadla etafuleni lika - Izebeli. U-Eliya nabaprofethi bakaBali eKarmeli
bamshisela uJehova iminikelo yokushiswa nempepho ethaphukayo ekuseni nakusihlwa njalo , basihlela isinkwa sokubukwa etafuleni elihlanzekileyo , bokhela uthi lwezibani lwegolide nezibani zalo kusihlwa njalo, ngokuba thina sigcina imfanelo kaJehova uNkulunkulu wethu, kepha nina nimshiyile.
AbaJuda nababusi , abantu abayikhulu namashumi ayisihlanu , badla etafuleni lami, kanye nabafika kithi bevela kwabezizwe abasizungezayo.
Yebo, nga ekuvusa ukuba uphume emlonyeni wosizi, uye endaweni ebanzi, lapho kungekho kunyinyeka khona, kunone okubekwa etafuleni lakho.
Niyakusutha etafuleni lami ngamahhashi, nangezinqola, nangamaqhawe, nangawo onke amadoda empi, isho iNkosi uJehova.
bayakungena endlini yami engcwele , basondele etafuleni lami ukuba bangikhonze, bagcine inkonzo yami.