"ethile"
28 occurrences in ZUL
Wayesethi: Thatha manje indodana yakho eyodwa oyithandayo, u-Isaka, uye ezweni laseMoriya , unikele khona ngaye abe ngumnikelo wokushiswa entabeni ethile engizakukutshela yona.
Wafika endaweni ethile , wahlala khona ubusuku bonke , ngokuba ilanga lase lishonile ; wathatha elinye lamatshe aleyondawo , walibeka phansi kwekhanda lakhe, walala kuleyo ndawo.
UDavide wathi ku-Ahimeleki umpristi: Inkosi ingiyalezile udaba, yathi kimi: Makungazi muntu ngalolu daba engikuthuma ngalo nengikuyale ngalo . Izinsizwa zami ngizazisile indawo ethile.
Sesiyakumfikela endaweni ethile lapho engatholakala khona , simehlele njengokuwela kwamazolo emhlabathini ; kuyena nabantu bonke abanaye asiyikushiya noyedwa.
Athi kuye : Bheka, kukhona phakathi kwezinceku zakho amadoda angamashumi ayisihlanu anamandla ; mawahambe, afune inkosi yakho ; kumbe uMoya kaJehova umkhuphulile , wamlahla entabeni ethile noma esigodini esithile. Kepha wathi: Ningawathumi.
Inkosi yayisimbuza owesifazane , wayilandisa. Inkosi yammisela induna ethile ngokuthi : Buyisa konke okwakungokwakhe nazo zonke izithelo zensimu, kusukela osukwini owasuka ngalo ezweni kuze kube manje. UHazayeli uyinkosi e-Aramu
Ngasekugcineni kweminyaka ethile wehlela ku -Ahabi eSamariya . U-Ahabi wamhlabela yena nabantu ababenaye izimvu nezinkabi eziningi , wamncenga ukuba akhuphukele eRamoti Gileyadi.
Nawonkulunkulu babo kanye nezithombe zabo ezibunjiweyo nezitsha zabo ezinxanelekayo zesiliva nezegolide uyakukuthumba , akuyise eGibithe , ayiyeke inkosi yasenyakatho iminyaka ethile.
Esephumele emhlabathini , kwamhlangabeza indoda ethile yomuzi eyayinamademoni; kwase kuyi sikhathi eside ingembathi ngubo , ingahlali endlini kodwa emathuneni.
Kwathi ekhuleka endaweni ethile , esegcinile, omunye wabafundi bakhe wathi kuye : Nkosi, sifundise ukukhuleka , njengokuba uJohane naye wabafundisa abafundi bakhe.
UJesu wayesephinda eza eKhana laseGalile , lapho enza khona amanzi abe yiwayini. Kwakukhona induna ethile yenkosi endodana yayo yayigula eKapernawume.
Kwase kulethwa indoda ethile eyisishosha kwasesiswini sikanina , ababeyibeka imihla ngemihla ngasemnyango wet hempeli othiwa Omuhle ukuba icele ukwabelwa izipho kwabangenayo ethempelini.
yagodla inxenye yemali, nomkayo ekwazi, yaletha inxenye ethile, yayibeka ngasezinyaweni zabaphostoli.
Kepha kwakukhona indoda ethile , nguSimoni igama layo, eyayikade yenza imilingo kulowo muzi , isimangalisa isizwe saseSamariya , izishaya umuntu omkhulu;
Kwakukhona eKesariya indoda ethile egama layo linguKorneliyu , eyinduna yekhulu yebutho elithiwa elase-Italiya;
Sebedabule isiqhingi sonke , baze bafika ePhafu , bafumana indoda ethile eyisanusi nomprofethi wamanga, umJuda, ogama lakhe linguBarjesu,
EListra kwakuhlezi indoda ethile eyisilima ngezinyawo, eyisishosha selokhu yazalwa ngunina, engazange ihambe.
Kwabonakala kuPawulu umbono ebusuku ; indoda ethile yaseMakedoniya eyayimi imncenga yathi: Welela eMakedoniya, usisize.
Kwakuhlezi efasiteleni insizwa ethile igama layo lingu -Evitiku, eyazunywa ngubuthongo obunzima , uPawulu eshumayela isikhathi eside ; isiyahlulwe ngubuthongo, yawa phansi isuka esitezi sesithathu, yathathwa isifile.
Sebehlezi khona izinsuku eziningi, uFestu weneka phambi kwenkosi indaba kaPawulu, wathi: Kukhona indoda ethile eyashiywa nguFeliksi iboshiwe;
sagudla lona kalukhuni , safika endaweni ethile ethiwa Matheku Mahle ; eduze nayo kukhona umuzi waseLaseya.